Izindaba

UZuma nenselelo endodakazini yakhe ithweswa iziqu eDUT

Simangaliso Ntshangase|Published

OWAYENGUMENGAMELI wezwe uMnuz Jacob Zuma nendodakazi yakhe uBridget, emva kokuthweswa kwayo iziqu e-DUT izolo

Image: SITHUNYELWE

OWAYENGUMENGAMELI wezwe uMnuz Jacob Zuma usephonsele enye yezingane zakhe inselelo yokuthi iqhubeke isebenze kanzima nangokuzikhandla, ukuze ibe nekusasa eliqhakazile, okuzokwenza ikwazi ukuzimela futhi inganciki kuyena.

UZuma (83) usho kanje ebongela indodakazi yakhe uNksz Bridget Zuma, othweswe iziqu ze-Advanced Diploma in Taxation eDurban University of Technology (DUT), emcimbini obuse-Olive Convention Centre, eThekwini.

Bese kungokwesibili uZuma ongumholi weqembu uMkhonto weSizwe, ehambela umcimbi wendodakazi yakhe kule nyuvesi njengoba ayekhona futhi ngesikhathi ithweswa iziqu zeDiploma in Taxation ngoMeyi wango-2023. Kulokhu, njengenjwayelo, kuthe eqhamuka nje - kwezwakala inhlokomo ezihambelini zomcimbi, zimjabulela ehlala eduze kwabanye abazali abebezobungaza izingane zabo.

"Ngijabule kakhulu ngesikhathi ngizwa kubizwa igama lakhe esiteji, futhi ngiyaziqhenya ngaye. Kuhlale kuyintokozo kimina ukubona izingane ziphumelela, ngakho ngimfisela okuhle kodwa - futhi ngifuna ukuthi aqhubeke nezifundo zakhe. Naye uyakwazi lokho ngoba ngihlale ngimtshela ukuthi imfundo ayiqedwa, ngakho ngifuna aqhubekele phambili ukuze ezokwazi ukuzimela, abe nempilo engcono," kusho uZuma.

OWAYENGUMENGAMELI wezwe uMnuz Jacob Zuma nendodakazi yakhe uBridget, emva kokuthweswa kwayo iziqu e-DUT ngoMsombuluko

Image: SITHUNYELWE

Emva kokuthweswa iziqu, uBridget (28) yena, uthe into aseyibheke kakhulu manje wukuthola umsebenzi nokuthi aqhubeke nemfundo yakhe ukusiza ukuzicabela indlela yokuba nekusasa eliqhakazile.

"Inhloso yami wukuqhubeka ngiphile kahle ngoba ngikholelwa ekutheni uNkulunkulu wangidalela ukuthi ukube njalo. Okwamanje angisebenzi, ngifuna umsebenzi kanti futhi nginethemba lokuthi ngizowuthola ungakapheli lo nyaka. Angikhethile, ngibheke ukuthatha noma yiluphi uhlobo lomsebenzi engizokwazi ukuwenza okuhambisana nomkhakha engiwufundele futhi angibhekile ukuthola into enkulu okwamanje ngoba ngisafuna ukukhula ngize ngibe namava okwenza nokuzuza okukhulu kakhulu," kusho uBridget.

Uncome nesikhungo iDUT ngokuqhuba ivangeli lenhlonipho, athi kungesinye sezimiso akhuliswe ngaso ekhaya futhi esihlale sigcizelelwa nguyise kuyena. Uthe uhlela nokuthi uma esesimeme kahle ezimalini, aqhubeke nemfundo yakhe akwazi ukuzikhokhela izindleko.

Ethula umyalezo wokubongela izitshudeni ezithweswe iziqu emcimbini, uSolwazi Oludayo Olugbara, esinye sezikhulu zomkhakha we-Accounting ne-Informatics eDUT, uzincome ngokuzikhandla emsebenzini wazo wesikole, wase enxusa ukuthi zenze umehluko obonakalayo emphakathini ngemfundo yazo.

OWAYENGUMENGAMELI wezwe uMnuz Jacob Zuma nendodakazi yakhe uBridget, emva kokuthweswa kwayo iziqu e-DUT ngoMsombuluko

Image: SITHUNYELWE