Izindaba

Kubhuntshile ukugwetshwa kwabaseGlebelands

Nkosikhona Cele|Published

KUHLEHLISELWE inyanga ezayo ukugwetshwa kwababehlalise abantu lubhojozi baphinde babulala ehostela eGlebelands eMlaza

Image: Sigciniwe

KUBHUNTSHILE ukugwetshwa kwabamangalelwa ababhekene necala lokubulala abangu-9 ehostela eGlebelands, eMlaza kubangwa imibhede. 

Inkantolo enkulu yaseThekwini izolo bekulindeleke ukuthi iwise isigwebo kuleli cala kodwa lokho kwangenzeka.

Icala lihlehliselwe uJuni 18 njengoba kuvele ukuthi ijaji obekumele liwise isigwebo likwelinye icala elibucayi.

Abamangalelwa kuleli cala ngoMnuz Bongile Mabele (34), Siyamthemba Zintenteni Mthwana (32), Nkosayikhethi Njeya (35), Bongani Patrick Mboyiyana (38), noSibusiso Mkhonde ( 41), bonke ababehlala ngaphakathi kuleli hostela.

Kuvela ukuthi laba badubula babulala oMnuz Phakamani Lukhozi, Thamsanqa Helman Shongwe, Mpilo Christopher Khumalo, Lungani Sikobi, Yandisa Ennox Msungubali, Nkululeko Freedom Lukhozi, Bongani Petros Mkane, Mxolisi Comfort Mthethwa noMandla Bhodloza Mncaka.

Abamangalelwa babekwe amacala ayisishiyagalolunye okubulala kanjalo namane okuzama ukubulala nawokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.Kuthiwa abafi babulawa behlezi ndawonye ngobusuku bangoJuni 2, 2023 eBlock 57 kulona leli hostela. Ababulawa kuhlaluke ukuthi babedutshulwa ekhanda, entanyeni nasesifubeni.

Bonke abagilwa kuvela ukuthi umnyombo wokubulawa kwabo kwakuwumbango wemibhede owawudla lubi eGlebelands bengakaboshwa abamangalelwa. Njengenjwayelo izolo bebephume ngobuningi babo ebebezokweseka abamangalelwa.

Phambilini kuzokhumbuleka ukuthi abamangalelwa bake bashaya ungqimphothwe, bethi kabasamdingi ummeli wabo. Kodwa babuye batshela inkantolo ukuthi sebeyambuyisa.

Lokhu kwaze kwanenga uMbuso ukhala ngokuthi lawa ngamaqhinga okulibazisa icala ukuze lingabi nayo inqubekela phambili.