UMUFI uNkk Sebenzile Sibiya
Image: SITHUNYELWE
KUSUKE isidumo wagcina ubhuntshile umngcwabo wekhansela eliyiPR laseLindelani, KwaDukuza, kulandela umbango wesidumbu emndenini elizalwa kuwo, nalowo eliganele kuwona.
UNkk Sebenzile Sibiya, uMaMthembu, washona ngoMeyi 16, kulandela ukuqiniswa wukugula.
Kuthiwa nakuba ebemningi emzini wakhe nomyeni wakhe ongasekho, oseLindelani, KwaDukuza, kodwa ubenawo omunye umuzi oseGingindlovu.
Kuvela ukuthi umuzi oseGingindlovu yilapho abegcina khona amasiko akwakhe kwaSibiya, okuyilapho okwangcwatshwa khona umyeni wakhe ngo-2021.
Ngokusho kwesihlobo esicele ukungadalulwa ngasohlangothini lakwaSibiya, ukudideka abangazange bakunake kuqale ngoMeyi 17, befica umndeni wakwaMthembu ugcwele indlu eLindelani.
Sithe baqale banganaka kodwa imimoya yagcina iphakama emindenini yomibili, owakwaMthembu usuveza ukuthi inkonzo yomngcwabo izoba seLindelani, aye eGingindlovu eseyongcwatshwa.
“Umfowabo kamyeni kamufi, okuwuye owengamela izinto zakwaSibiya, kwamdina lokho. Wathi umufi wathelwa ngenyongo kwaSibiya, akufanele ukuthi abakwaMthembu kube yibo asebehamba phambili ezinhlelweni zomngcwabo. Wagcina esukuma ehamba, kucaca ukuthi abatholani ngenkulumo nabakwaMthembu,” kusho isihlobo.
Siqhube sathi kwaze kwagcina ngokuthi elinye ilungu lomndeni wakwaSibiya,libatshele abakwaMthembu ukuthi bekufanele bacele ukuthi umufi angcwatshwe eLindelani, hhayi ukuthi babatshele.
“Bagcina bethi abacelelwe ke kumfowabo kamyeni kamufi ukuthi angcwatshwe eLindelani. Leli lungu labathembisa ukuthi impendulo izobuya uma umndeni wakwaSibiya usube nomhlangano ngesicelo sabo,” kusho isihlobo.
Kuthiwa emhlanganweni, kwagcina kuvunywa eyokuthi inkonzo yomngcwabo kube yiyo ezoba seLindelani, kodwa umufi angcwatshwe eduze komyeni wakhe eGingindlovu.
“Kuthe sisazitshela ukuthi sivumelene ngalokho, sahlaselwa abantu ababehlome ngezibhamu, bathi bathunywe abakwaMthembu bazositshela ukuthi umufi usezongcwatshwa eLindelani ngoba abanayo imali yokuhambisa isidumbu eGingindlovu,” usho kanje.
Uthe umndeni wakwaSibiya wanikela khona, usuyofuna amaphepha ukuze uzenzele wonke amalungiselelo okufihla umakoti wawo.
“Banqaba. Saze sagcina siye enduneni yendawo, eyazama ukuxazulula kodwa kwanhlanga zimuka nomoya,” kusho isihlobo.
Sithe bagcine ngoLwesine benikela enkantolo beyofuna incwadi yesivimbelo, enikwe abamakhaza ngoLwesihlanu, kwathi sekumele isikhonzi siyinike umndeni wakwaMthembu, sabuya nayo, benqaba ukuyisayina.
Siveze ukuthi ngoMgqibelo, umndeni wakwaMthembu uqhubekile nenkonzo yomngcwabo, abakwaSibiya baze balanda amaphoyisa ukuthi ayobabhekela ukuthi abamakhaza bagcine besidedele yini isidumbu, bathola ukuthi inkonzo iyaqhubeka yodwa ngaphandle kwesidumbu.
Kuthiwa ngezikhathi zasemini abantu bagcine bezidlela ukudla, bahlakazeka kucaca ukuthi umngcwabo awukho.
“Sesilinde ukulanyulelwa yinkantolo ngoMeyi 29, isho ukuthi ubani onelungelo lokungcwaba umufi,” kusho isihlobo.
Siveze ukuthi bekungekho ukuxakazisana phakathi komndeni wakwaSibiya nomufi, ngaphandle kombango wefa lomyeni wakhe, obusaqhubeka phakathi kukamufi nezingane zomyeni wakhe, zangaphandle komshado wabo.
Uthe nokho ngesikhathi kuqhubeka impi yamazwi kule mindeni, abakwaMthembu baveze ukuthi umufi ngokomthetho ungowabo ngoba akazange abathole abantwana kwaSibiya.
Induna yendawo (KwaDukuza), uNkk Pinky Ndunakazi ikuqinisekisile ukuthi udaba lulethiwe kuyo wumndeni wakwaSibiya maphakathi nesonto eledlule.
“Bangendlalela ukuthi banenkinga nomndeni wakwaMthembu, kubo kamakoti wabo, osubajikele esiswini njengotshwala, wathi ngeke umufi esaya ukuyofihlwa eGingindlovu, usezofihlwa la,” kusho uNkk Ndunakazi.
UNkk Ndunakazi uthe wasukumela phezulu, wacela ezinye izinduna zezigodi ezingomakhelwane ukuba zimkhaphe ayozwa uhlangothi lwabakwaMthembu.
“Safica kukhona umakoti kamfowabo kamufi, owathi umyeni wakhe okunguye okufanele achaze uhlangothi lwabo, akekho,” kusho uNkk Ndunakazi.
Uthe kwathi uma ecela inombolo yakhe, umakoti wala, wathi okungcono uNkk Ndunakazi akashiye eyakhe, uzoyidlulisela kumyeni wakhe uma esebuyile.
“Ngayishiya, kodwa akazange angithinte, kwaze kwaba yingakusasa. Umndeni wakwaSibiya ke wagcina usuya enkantolo yomthetho,” usho kanje.
Imizamo yokuthola ukuphawula komndeni wakwaMthembu ayiphumelelanga, ucingo lukamfowabo kamufi, belukhala lungabanjwa.
Related Topics: