UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme uDkt Nobuhle Nkabane neNSFAS banxuse ukubekezelelwa yizitshudeni ezingakhokhelwe
Image: X
ISIKHWAMA esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme iNSFAS sesizibophezele ukuthi siyayilungisa inkinga yokungakhokhelwa kwezinkumbi zezitshudeni.
Abalesi sikhwama bathe kunezinselelo ekukhokhelweni kwezitshudeni ezikhungweni ezehlukene.
Esitatimendeni esikhishwe ngokuhlanganyela yiNSFAS noMnyango weMfundo ePhakeme, kuvele ukuthi kube nokubambezeleka ekukhokhelweni kwezitshudeni. Sithe le nkinga yenze ukuthi izitshudeni zingazi ukuthi kwenzekani.
"Ezinye zezitshudeni ezifake izicelo emanyuvesi zibhekene nezinselelo zokungakhokhelwa. Kanjalo nalezo okulethwe imininingwane yazo yokubhalisa sekudlule isikhathi kube nezinselelo zangakhokhelwa."
Sithe ezinye izitshudeni ebezisalinde izimpendulo emva kokufaka izimangalo ngokungalutholi uxhaso zibe nezinselelo zangakhokhelwa.
"Kulezo ebezilinde izimpendulo ngoba zafaka izimangalo kunezinselelo zokuthi kudingeka kutholakale imali ngenxa yokuthi isincane ekhona. Kodwa yinkinga esizama ukuyixazulula ngokushesha," kusho isitatimende.
Umnyango unxuse izikhungo ukuthi zisize izitshudeni zixazulule izinkinga ezikhona ngokushesha.
"Sizimisele ukusiza zonke izitshudeni okumele zithole uxhaso ngokuthi sihlwaye imali ukuze zingaphazamiseki ezifundweni zazo. Sinxusa ukuthi zibekezele ziphinde ziqonde ukuthi sisebenza ngamandla ukuxazulula lezi zinkinga."
Isitatimende sithe izitshudeni kumele zibheke imibiko ezovela kwiNSFAS kanjalo nasenyuvesi mayelana nezithinta uxhaso.
Lesi sikhwama sihlale sibhekene nezinselelo minyaka yonke ngokuxhaswa kwezitshudeni.
Lokhu kwenza ukuthi kuze kube nemibhikisho ezikhungweni ezehlukene ngenxa yokuthi izitshudeni zisuke zifuna ukuxhaswa, ekubeni lesi sikhwama sisuke sisacubungula ezinye zezinto ezibandakanya nokuthi kubhekwe labo abasuke bechithwe ukuthola uxhaso.
Akuzona kuphela izitshudeni ezikhala ngokungaxhaswa kodwa nabanye omastende bakhala ngokuphuza ukukhokhelwa yilesi sikhwama. Bakhala ngokuthi baze bagcine sebexosha izitshudeni ngoba zingakhokhelwe.
INSFAS ihlale ihlaba ikhwelo lokuthi omastende mabangazixoshi izitshudeni ezisuke zingakhokhelwe ngoba ziphenduka ondingasithebeni.
Related Topics: