UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu oveze izibalo zobugebengu kuleli ezibalula iNanda eThekwini njengenye yezindawo okubulawa kakhulu abantu
Image: GCIS
ABEZINHLAKA ezilwa nobugebengu eNanda eThekwini, bazifaka zonke ezimbanjeni kuhulumeni, ngezibalo zobugebengu ezingakhombisi ukuba ngcono, ngasebugebengwini bokubulawa kwabantu nobokudlwengula.
Lokhu kuvele ngesikhathi Isolezwe linenkulumo ekhethekile noMnuz Andile Jali weThekwini Neighbourwood Watch.
Ingxoxo kaJali ilandela ukudedelwa kwezibalo zobugebengu zekota yokugcina yonyaka u-2024/2025, ezikhishwe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, ngoLwesihlanu.
Kulezi zibalo kuvele ukuthi isiteshi saseNanda, siqengqeleza phambili ngesibalo samacala okubulala abikwe kuso eNingizimu Afrika yonke.
Silele isibili ngesibalo samacala okudlwengula abikwe kuso. Siphinde silale isibili ngawokuzama ukubulala.
Akuyona into entsha ukuthi lesi siteshi sibe sohlwini lweziteshi ezinhlanu ezizihola phambili ngesibalo esikhulu samacala abucayi eMzansi.
UJali uthe abantu okufanele bazinuke amakhwapha ngalezi zibalo ezihlasimulisa umzimba, wuhulumeni wesifundazwe kanjalo noMasipala weTheku.
“Thina sisemphakathini, sazi ukusuka nokuhlala ngobugebengu. Siphumele obala, sathi sizimisele ngokulekelela ekulweni nobugebengu, saze sakha ngisho nezinhlaka ezilwa nabo,” kusho uJali.
Uthe bona futhi benze yonke imizamo ukuhambisa ezinhlakeni zikahulumeni uhla lwabo ebebebona ukuthi lungalekelela ekutheni kuncishiswe ubugebengu.
“Sihlale nabo emihlanganweni eminingi ema-boardroom, sabatshela esibona ukuthi kuzosebenza. Abakwenze ngenkulu impumelelo wukuthi basilalele, maqede basithembisa ukuthi bazozibuyekeza iziphakamiso zethu, kwabe siyagcina ke ukuzwa kubo,” kusho uJali.
Ebuholini bukahulumeni abugagule ngamagama uthe uNdunankulu wesifundazwe uMnuz Thami Ntuli, yiMeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba, noNksz Zandile Myeni oyiPhini lemeya kulo masipala, aphinde abe ngusihlalo wezokuphepha komphakathi kumasipala.
Ebalula iziphakamiso ezimbalwa kwathi bazenza kuhulumeni, uthe babecele ukuthi lubuyekezwe olwesibalo sezimoto abazozisebenzisa beqapha ubugebengu, ababezithenjiswe wuNdunankulu waphambilini, uNkk Nomusa Dube-Ncube.
Uthe babuye bacela ukuthi uMasipala weTheku ukopele uhlelo lwabaqaphi bobugebengu lwaseGoli olwaziwa ngelama-waderns.
Wengeza ngokuthi baphinde baphakamisa ukuthi uma uhulumeni ehlela ukuthenga izimpahla zokuqapha ubugebengu zezinhlangano ezifuze eyabo emiphakathini, kumele baqale baxoxisane nazo, ukuze bathenge lokho ezithi ziyakudinga.
“Akusilekeleli ukuthi bathenge bengaxhumanile nathi ngoba thina siyazi ukuthi sidingani. Uzothola bethenga okuthile kanti thina sidinga amabhuzu, amajakhethi afudumalayo, nalawo avimba imvula. Kuhle babuze thina,” usho kanje.
Uthe bayakuqonda ukuthi uhulumeni ngeke akwazi ukuvele abe nesamba sokubaholela ngokuqapha ubugebengu emphakathini, kodwa banxusa ukuthi akulalele abasuke bekuphakamisa.
INanda yindawo ehlushwa kakhulu yiqembu lemigulukudu elibizwa ngeWest.
Ngokusho kwezakhamizi, ezikhala mihla namalanga ngobugebengu bokubulawa kwabantu, leli qembu linamalungu evile ku-200 ayintsha esencane, okwenza kube nzima ukuthi liphele.
Ziningi izehlakalo lapho amalungu alo ebulawa khona amaphoyisa, itholene phezulu ngezibhamu.
Muva nje kukhona nababalelwa kwabayisishiyagalombili ababoshiwe emasontweni ambalwa edlule, kwabonakala umphakathi ubhikisha ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, uthi abangadedelwa ngebheyili.
Yize kunjalo kodwa ubugebengu bokubulawa kwabantu eNanda, bubikwa nsuku zonke.
UNtuli uhlale ekuveza ukuthi bayalwa nobugebengu obudlangile esifundazweni.
Related Topics: