UNKSZ Princy Mthombeni ogqugquzela abantu ukuthi babambe iqhaza ekwenzeni iziphakamiso ngabafuna kushintshe kuMthethosisekelo
Image: Instagram
KUGQUGQUZELWA abantu baseNingizimu Afrika ukuthi benze iziphakamiso ngezinguquko abafuna zenziwe kuMthethosisekelo ngaphambi kokuphela konyaka.
Minyaka yonke ngalesi sikhathi, iPhalamende ngokubambisana noMkhandlu weziFundazwe, bahlela ikomiti elibuyekeza uMthethosisekelo wezwe ukuthi lifune iziphakamiso ezibhaliwe nezethulwa ngomlomo kubantu bakuleli.
Abenza iziphakamiso ezibhaliwe futhi abafuna nokuzenza ngomlomo kumele bacacise ngaphambi kukaMeyi 31.
Zithunyelwa ku-Adv P Gwebu nge-email [email protected] noma zithunyelwe ku-083 709 8395.
Isishoshovu esigqugquzela abantu ukuthi babambe iqhaza kulokhu, uNksz Princy Mthombeni, sisebenzise inkundla yokuxhumana iTikTok ukuthi sinxenxe abantu.
Uqophe i-video lapho echaza khona ukuthi uchithe usuku ebuyekeza uMthethosisekelo wabalula izinto afisa zishintshe.
Ubale isendlalelo esithi iNingizimu Afrika ngeyawo wonke umuntu ohlala khona.
"Isiphakamiso sami ukuthi iNingizimu Afrika ngeyazo zonke izakhamizi zayo," kusho yena.
Uthe ufuna kushintshwe u-Section 86, okhuluma ngokuvotelwa kukamengameli wezwe.
"Njengamanje uthi iPhalamende kumele likhethe umengameli emalungeni alo. Isiphakamiso sami ukuthi abantu baseNingizimu Afrika kumele bazikhethele umengameli ngevoti lentando yeningi ngendlela ehlukile kunePhalamende," kusho uNksz Mthombeni, othe lokhu kuzonikeza abantu amandla.
Uthinte noSection 26 okhuluma ngendaba yezindlu ukuthi wonke umuntu unelungelo lokukwazi ukuthola indlu.
Uqhube wathi lokhu kumele kushintshe kuthiwe bonke abantu baseNingizimu Afrika banelungelo lokuthola izindlu. Uthe uMthethosisekelo kumele ukucacise ukuthi ubeka phambili abantu baseNingizimu Afrika.
Uveze ukuthi abantu bangaphandle bangasizakala ngokweminye imithetho kodwa inhlalakahle yabakuleli kumele ibe seqhulwini.
Ubalule noSection 27 okhuluma ngokuthola usizo lwezempilo, ukudla namanzi nokuvikeleka kwabantu.
"Chabo! Nakhu engikuphakamisayo, bonke abantu baseNingizimu Afrika banelungelo lokuthola usizo lwezempilo, ukudla okwanele nokunye," kusho uNksz Mthombeni.
Uthe ezempilo zakuleli zingaphansi kwenkulu ingcindezi.
UNksz Mthombeni uqale isiphakamiso izolo ekuseni, ebese sisayinwe ngabantu abangu-21 431. Ngalesi siphakamiso ufuna kushintshiwe uMthethosisekelo kubekwe phambili abantu baseNingizimu Afrka.
Ukusayinwa kwayo kuvalwa ngoMeyi 28.
Kusayinwa ku-https://www.change.org/p/reform-south-africa-s-constitution-prioritise-citizens-enforce-accountability
Related Topics: