Izindaba

Bafuna sehliswe isikweletu sezwe esikhokhelwa uR1.2 billion ngosuku

Mhlengi Shangase|Published

UNGQONGQOSHE weziMali uMnuz Enoch Godongwana omemezele ukuthi ngeke inyuswe iVAT

Image: Armand Hough/Independent Newspapers

UKHOLELWA ngukuthi kungenziwa okuthile ngesikweletu sikahulumeni asikhokha nsuku zonke esingu-R1.2 billion ngosuku uSihlalo wekomiti lezeziMali ePhalamende uDkt Joe Maswanganyi. UMaswanganyi ukholelwa ngukuthi uhulumeni kumele afake isicelo sokuthi kuxoxwe ukuze sibuyekezwe lesi sikweletu nalabo abakweletayo ngoba inkulu le mali ekhokhwa nsuku zonke ngenxa yesikweletu.

"Ukunganyuswa kweVAT okwachithwa ngamaqembu amaningi ePhalamende ezabelwenimali ezedlule, kwandise umthwalo obhekene nohulumeni. Lokhu kusho ukuthi ziyanyuka izindleko zikahulumeni," usho kanje.

Ukusho lokhu izolo ekhuluma esithangamini nabezindaba eKapa emuva kokwethulwa kwesabelomali sezwe nguMnuz Enoch Godongwana, uNgqongqoshe wezeziMali.

UGodongwana waphoqeleka ukuthi ahoxise izabelomali ezimbili ezedlule emuva kokuchithwa kokunyuswa kweVAT. Kwakukhalwa ngokuthi umphakathi uzodonsa kanzima uma kunyuswa iVAT.

UGodongwana ube esememezela ukuthi kuzonyuswa intela efakwa kuphethroli, nakho okukhalisa abantu ngokuthi kuzonyusa izinto zokuthutha umphakathi kanjalo nokudla.

UMaswanganyi uthe isabelomali sakamuva sibhekelela abamhlwempu.

"Sinethemba lokuthi isabelomali esethuliwe sizophasiswa ngamaqembu ahlukene. Iyasikhathaza eyesikweletu sikahulumeni siyikomiti yingakho sifuna ukuthi sehliswe ngokuthi uhulumeni ayoxoxa nabakweletwayo," usho kanje.

 Usihlalo wekomiti elibhekele ukusebenza kwemali yoMphakathi iStanding Committee on Public Accounts (SCOPA), uMnuz Songezo Zibi, uthe isabelomali esedlule sibe nombango omkhulu ngendaba yeVAT okwenza i-DA ne-EFF baya enkantolo.

Uthe unethemba lokuthi sizophasa lesi sabelomali.

"Angiboni sibuyela esimeni esedlule lapho kwakunombango ngesabelomali. Ngethemba ukuthi sizophasiswa." 

Nomholi weBuild One South Africa (BOSA) uMnuz Mmusi Maimane, uthe unethemba lokuthi sizophasiswa isabelomali samanje.

"Kunethemba lokuthi sizophasa ngoba kunokubona ngaso linye, akufani nesikhathi esedlule. Angiboni kukhona iqembu elifuna ukuthi kube nomsindo kuyiswane nasezinkantolo ngenxa yokuthi eyeVAT ayikho kulokhu."