Izindaba

URamaphosa uzokwethula eyosuku kuvaleliswa owe-ANCWL

sabelo mbatha|Published

I-ANCWL ithe inkonzo kaNkk Mnganga-Gcabashe odlule emhlabeni ngoMgqibelo odlule, izobanjelwa eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini,

Image: ANC

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uzokwethula inkulumo enkonzweni yomngcwabo wobeyiPhini likaMengameli we-ANCWL nobeyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC, uNkk Lungi Mnganga-Gcabashe, ngoMgqibelo.

I-ANCWL ithe inkonzo kaNkk Mnganga-Gcabashe odlule emhlabeni ngoMgqibelo odlule, izobanjelwa eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, kanti uzonikwa inhlonipho emfanele njengomuntu owazinikela ekusebenzeleni abantu nokuba yiPhini likaMengameli we-ANCWL.

“Inkonzo izothanyelwa wuMengameli we-ANC nezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, ozokwethula inkulumo yosuku,” kusho i-ANCWL esitatimendeni.

UNkk Mnganga-Gcabashe odabuka KwaMashu, ubengunkosikazi kaMnuz Sipho Gcabashe owayenguNobhala we-ANC KwaZulu-Natal.

Okhulumela i-ANC kuzwelonke, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uchaze uNkk Mnganga-Gcabashe njengomunye wabesifazane abahambe kahle kodwa abawuthwala umlilo wobulungiswa.

Uthe ukuthi ubesesikhundleni esiphezulu bekungasho lutho kuye njengoba ezikhundleni abenikwe zona okubalwa esikasihlalo wekomiti lePhalamende elibhekele amabhizinisi kahulumeni, adlule emhlabeni esibambile nesikasihlalo wekomiti lezokuvakasha, usebenze ngokuthembeka nangokuzikhandla.