Izindaba

Bamashele uxhaxha lwezinkinga ezikoleni zabaphila nokukhubazeka

Nkosikhona Cele|Published

ABAZALI bezingane eziphila nokukhubazeka bebhikisha bekhala ngokubhimba kwezinto ezikoleni zabaphila nokukhubazeka

Image: SITHUNYELWE

INGENE emgwaqweni yamasha inhlangano emele abazali bezingane eziphila nokukhubazeka KwaZulu-Natal, iSouth African National for Special Education (Sanase), ikhala ngokuba mapeketwane kwezinto ezikoleni zabaphila nokukhubazeka.

Abazali abangaphansi kwale nhlangano bamashe besuka eMarket Square baze bayofika emaHhovisini kaNdunankulu waKwaZulu-Natal eMgungundlovu, okuyilapho abafike bashiya khona uhlu lwezikhalazo obeluqukethe izinto abakhala ngazo.

Ilungu eliqavile lale nhlangano futhi ebelihlele imashi, uMnuz Bonginhlanhla Mjwaha, lilimise ngesihloko elokuthi zimapeketwane izinto ezikoleni zabaphila nokukhubazeka ezitholakala ezingxenyeni ezahlukene zeKwaZulu-Natal. Phakathi kwezinto athe ziseqhulwini ohlwini lwezinto abakhononda ngazo ukushoda kothisha, ukushoda konogada nabashayeli bamabhasi.

Uthe ukuze ezikoleni zabaphila nokukhubazeka kuhambe kahle ukufunda kudingeka kungashodi lutho.

Uqhube wathi sekukaningi bezwakalisa ukunganeliseki kwabo ezinhlakeni ezahlukene kodwa kumane kufane nje nokuthi bathela amanzi emhlane wedada.

''Sinethemba elikhulu lokuthi izikhalazo zethu bazozizwa futhi bayazisukumela. Sesikhathele ukukhuluma into eyodwa. Iqiniso limile nje, konakele kakhulu ezikoleni zabaphila nokukhubazeka. Izinto ziya ngokubheda kakhulu kunokuba zibe ngcono,'' usho kanje.

Uveze ukuthi ngonyaka owedlule, bake bafakana imilomo noMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, owabathembisa ukuthi zizosukunyelwa ngokushesha izikhalazo zabo.

''Kodwa akukho esikubona kuhamba kahle kuze kube yimanje. Sicabanga ukuthi imashi iyona ezokwazi ukubenza balalele labo esikholwa ukuthi nakanjani yibona okumele basukume bangenelele kule nkinga engaka esizithola sibhekene nayo ezikoleni,'' usho kanje.

Abazali ebebeyingxenye yale mashi bathe bakholwa ukuthi abantwana babo bayayidinga imfundo engcono yize bephila nokukhubazeka.

Bathe bazimisele ngokuthi balwe kuze kube yisekugcineni ngoba bakholwa ukuthi abantwana babo nabo kumele nakanjani bayithole imfundo ebafanele. OseHhovisi likaNdunankulu, uNkk Hlongwane (igama lakhe elingatholakalanga), okunguyena owemukele uhlu lwezikhalazo, uthe bazozibhekisisa izikhalazo zabo bese bebuya nezimpendulo.

Phakathi kwezingqembe abebeziphethe bezithi, ''Sicela okungcono ezikoleni zabaphila nokukhubazeka."

Ezinye bezithi, ''Sicela nilalele ukukhala kwethu kube nesithunzi ezikoleni zabaphila nokukhubazeka.''