Izindaba

Uvalo kwanda izigameko zokunyamalala kwezingane oLundi

Zimbili Vilakazi|Published

U-AYANDA Sibiya odukile

Image: SITHUNYELWE

SEKUQUBULE uvalo ukwanda kwezigameko zokuduka kwezingane ezisencane eMabedlane, oLundi. Lokhu kuza emva kwesigameko sakamuva, lapho okuthiwa kuduke khona ingane yomfana eneminyaka emithathu, u-Ayanda Sibiya. 

U-Ayanda kuthiwa uduke ngoMeyi 15, edlala egcekeni lakubo.

Emva kokwenzeka kwalesi sigameko, inhlangano yabefundisi, i-Olundi Zion Pastors Association, ihlele umkhuleko kusasa.

Unobhala wale nhlangano, uMfu Khayelihle Mtshali, uthe kubasukumise phansi bengabafundisi ukulahleka kuka-Ayanda njengoba eyingane yesithathu ukulahleka kule ndawo.

“Ukwenzeka kwento enje endaweni kuyathusa. Asikwazi ukuhlala phansi sisonge izandla sibe sibona ukuthi konakele,” kusho uMtshali.

Uthe ukunyamalala kuka-Ayanda kushiye umphakathi uthukile ngoba isigameko esinje kusithinta sonke. 

“Sisukunyiswe ukuthi lokhu okwenzekile kusithinta sonke. Sithukile ngoba asazi ukuthi inhloso yini. Ingane ayikwazi ukuvele ilahleke nje esithubeni,” usho kanje.

Uthe abantu basovalweni lokuthi njengoba nabo bezele, isehlakalo esifuze lesi singabehlela.

NgoJuni, nyakenye, endaweni efanayo, kwalahleka uLisulenkosi Lamula (2). 

ULisulenkosi naye kuthiwa wagcina ukubonakala edlala egcekeni emzini wesihlobo.

Kuthiwa wathi uyaphuma unina emva kwemizuzu engu-30, embheka, waqaphela ukuthi akasabonwa.

Kuvele ukuthi bambheka yonke indawo, ngisho nasethoyilethi lomgodi emzini anyamalala kuwo, bangamthola.

Emva kwezinsuku ezimbili, watholakala kulo ithoyilethi elifanayo, enezibazi emqaleni. 

Nakuba amaphoyisa avula icala lokufa komuntu, umndeni wakhe walimisa ngesihloko elokuthi ukholelwa ukuthi ubulewe, wase ephonswa ethoyilethi.

UMtshali utshele Isolezwe ukuthi sikhona esinye isigameko sokulahleka kwengane (5) kule ndawo, naso esenzeke ngonyaka odlule.

Uthe nakuba yatholwa iphila emzini wesakhamuzi, kwaba nemibuzo yokuthi kukhona umkhuba wesintu owenziwa emzimbeni wayo.

Uqhube wathi bagcina amaphoyisa elulandela lolu daba, yize engazi lwaphelelaphi. 

USotswebhu weNFP eZululand, uMnuz Siphamandla Ntombela ezwelana nomndeni, uthe into ebakhathazayo ukwanda kwesihlava sokwebiwa kwezingane, nokushushumbiswa kwazo, ezinye zibulawe bese ziyacwiywa.

“Okwesithathu sigida kule ndawo ngesihlava esisodwa. EyakwaLamula ingane yaze yatholwa ethoyilethi. Sinxusa abantu ukuthi babuyelwe unembeza, bayeke ukweba nokubulala izingane ezincane,” kusho uNtombela. 

Ukhale ngabantu abasebenzisa izicubu zemizimba yabantu ukuze bathwale.

Unxuse abazali abasebenzayo ukuthi uma bengenabo ababheki bezingane, baziyise ezinkulisa izingane, lapho zizoba ngaphansi kweso lomuntu ozobe eqinisekisa ukuphepha kwazo njalo ngemuva kwemizuzu emihlanu. 

Umndeni ka-Ayanda awuthandanga ukukhuluma nabezindaba.

Kushaye esokushicilela amaphoyisa ungakaphenduli.