UKHALE ngemali engu-R1.2 billion, ekhokhwa nsuku zonke esikweletini sezwe uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana.
Image: Phando Jikelo/ Parliament of SA
UKHALE ngemali engu-R1.2 billion, ekhokhwa nsuku zonke esikweletini sezwe uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana.
UGodongwana uthe siphezulu isikweletu sezwe njengoba siya ku-R1.3 trillion, eminyakeni emithathu ezayo.
Ethula isabelomali eKapa, uveze ukuthi kudingeka kwehliswe ukubolekwa kwemali.
"Sikhokha u-R1.2 billion ngosuku esikweletini sezwe. Le mali inkulu kakhulu kunemali esiyichitha kwezemfundo, ezempilo kanjalo nasemaphoyiseni. Kumele sisiqede lesi sihlava okungenani sikhulise umnotho."
Phezu kokuba izwe likhokha imali engaka esikweletini kodwa uthe izophinde inyuke imali yempesheni yabadala.
Ngo-Ephreli, lesi sibonelelo sinyuswe ngo-R120 siya ku-R2 310 kanti ngo-Okthoba, sizonyuswa ngo-R10 siye ku-R2 320.
Ubalule izinto ezingadinga imali ekuhambeni konyaka athe zihlanganisa ukuhoxiswa koxhasomali iPresident's Emergency Plan for AIDS Relief (PEPFAR) obelukhishwa iMelika ukusiza izinhlelo zokulwa nengculaza nesandulela sayo, amaprojekthi engqalasizinda nezitimela, ukwanda kwesibalo sabantu, ukuqinisa iHhovisi likaMengameli wamaJaji neleStatistics South Africa.
Ezinye izinhlelo ezizodinga imali ubalule eyoxhaso lwamaqembu ezepolitiki, ukuphucula ingqalasizinda yezigodlo zasendlunkulu nezinye izinhlelo.
Related Topics: