Izindaba

Umphathiswa wezeMfundo eKZN ulibangise eBizimali

Zimbili Vilakazi|Published

OWESILISA osolwa ngokudlwengula abafundi besikole iBizimali High, eNkandla (Block his face)

Image: SITHUNYELWE

UGCWELE amathafa owesilisa osolwa ngokudlwengula abafundi basesikoleni iBizimali High, eNkandla, kulandela ukweqa kwakhe esitokisini ngoMsombuluko ebusuku.

Lokhu kuqinisekiswe okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, izolo.

“Amaphoyisa aphansi phezulu athungatha umsolwa oneminyaka engu-28, okuthiwa weqe esitokisini ebusuku ngoMsombuluko,” kusho uNetshiunda.

Uthe umsolwa ubeboshwe ngamaphoyisa asesiteshini iMariannhill, ePinetown, ngamacala okudlwengula awenze eNkandla.

“Bekusalindeleke ukuthi ahanjiswe ejele ngesikhathi ekhala ngokuhlaselwa yisifo sofuba, waquleka. Amaphoyisa athe esematasa emsiza, wavele waphunyuka, wabaleka, waphelela emehlweni ngenxa yobumnyama,” kusho uNetshiunda.

Uthe sekubunjwe ithimba leqophelo eliphezulu ukuthi limcinge, limthole.

Khonamanjalo: UMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, uzohambela lesi sikole kusasa kulandela izehlakalo zokudlwengulwa kwabafundi.

UHlomuka uthe izigameko zokudlwengulwa kwabafundi azinandawo emphakathini. 

“Sikhathazekile ngokuphepha kwabafundi bethu, izehlakalo zokudlwengulwa kwabafundi zisishiye sithuthumela,” kusho uHlomuka.

Uthe sebebumbe ithimba losonhlalakahle abaluleka ngokomqondo ukuba bayonikezela ngalolu sizo kubafundi nemindeni yabo.

Uqhube wathi ohambweni lwakhe kulesi sikole, uzobe eyohlanganyela nemindeni yabagilwa kanjalo nomphakathi.

“Okwethu ukukhombisa ukweseka abagilwa kulesi sikhathi esinzima, ukuqinisekisa ukuthi basesimweni esikahle,” usho kanje.

Uthe bengumnyango bazimisele ukusebenza eduze namaphoyisa ukuze kuqinisekiswe ukuthi abagilwa bayabuthola ubulungiswa.

Isolezwe libike ngezimbalwa zalezi zehlakalo.

Kuzona kukhona esomfundi okuthiwa udlwengulwe ngumsolwa ngeledlule ephume ekotishini lakhe waya ethoyilethi elingaphandle, ekhishwa yisisu. Kuthiwa uthe ephuma ethoyilethi, umsolwa ubesemlindile, wamdlwengula. 

Kwesinye isigameko, okuthiwa senzeke ngasekuqaleni kukaMeyi, umsolwa kuthiwa wangenela abafundi ababili ekotishini, wabakhipha ngendluzula, ebayisa ehlathini.

Kuvela ukuthi wagcina ephumelela ukudlwengula oyedwa, njengoba omunye wakwazi ukuphunyula, abaleke.  

Izolo, kuthiwa kunabanye abafundi abese beqalile ukuhamba bekhala ngezokuphepha njengoba nabazali bakhala ngezokuphepha.