Izindaba

Ukukhathazeka kugqekezwa ihhovisi loMnyango wezaseKhaya kuphindelelwa

Zimbili Vilakazi|Published

SEKUQUBUKE ingebhe ngokugqekezwa kaningi kwehhovisi loMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uMngeni, eThekwini. 

Image: SIGCINIWE

SEKUQUBUKE ingebhe ngokugqekezwa kaningi kwehhovisi loMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uMngeni, eThekwini. 

Akucaci kahle ukuthi isehlakalo sakamuva senzeke nini phakathi kukaLwesihlanu neSonto, kodwa sibonakale ngoMsombuluko ekuseni sekungena abasebenzi.

Onikele emahhovisi eSolezwe, ezobika udaba, uMnuz Jabu Madlala waseLamontville, uthe bakhathazekile emva kokutshelwa ukuthi ingxenye yehhovisi egcina omazisi nama-passport igqekeziwe kwantshontshwa. 

“Ilokho sime ezintatha ngethemba lokuthi sizothola omazisi bethu. Emva kwamahora amade silindile, izisebenzi zifike ngo-8 zasitshela ukuthi ngeke sikwazi ukungena ngoba kugqekeziwe, kusalindwe amaphoyisa,” kusho uMadlala.

Uveze ukuthi yena ubezolanda umazisi wakhe, athola i-email emtshela ukuthi usukulungele ukuthi awulande. 

Uthe lokhu abakutsheliwe kuyabakhathaza njengoba sekwanda ubugebengu ezweni.

“Uthola kuvulwa izikweletu ezitolo nasemabhange ngomazisi babantu. Uthi uyezwa wena mnikazi wawo wangempela, kuthiwa unesikhulu isikweletu lesi ongasazi, kanti kwathathwa umazisi wakho kwayogangwa ngawo,” kusho uMadlala.

Uthe nawo ama-passport, ayinyama kuleli njengoba kwaziwa ukuthi kunenkinga yabantu bakwamanye amazwe abangena kuleli ngokungemthetho.

“Akube khona okwenziwayo ngalo mhlola ngoba sitshelwe ukuthi njengoba wenzeke kulokhu, awuqali,” kusho uMadlala othe kulayini wokuyolanda omazisi bekukhona nezaguga, okubonakalayo ukuthi zinengekile ngokuvukela ubala.

Uthe umbuzo abazibuza wona owokuthi ziqine ngakanani ezokuphepha uma izigilamkhuba zizozichachazela emahhovisi omnyango ophethe amaphepha abucayi kangaka.

“Sinenkinga enkulu yabokufika abasezweni ngokungemthetho. Kuzothathwa omazisi bethu badayiswe kwabokufika, sizozithola sesishadiswe nabakwamanye amazwe, kuningi nje abangakwenza ngomazisi bethu,” usho kanje.

Isolezwe lizamile ukuthola okhulumela uMnyango wezaseKhaya KwaZulu-Natal uMnuz Cyril Mncwabe, kodwa iselula yakhe ibingangeni, ucingo lwasehhovisi lakhe belukhala lungabanjwa.

Lithinte imenenja yehhovisi elithintekayo, uMnuz Mbongeni Magagula ovele waziqinisekisa lezi zindaba.

Udalule ukuthi isimo ababhekene naso siyabakhathaza kakhulu njengoba ukugqekezwa kwaleli hhovisi ngeSonto ebusuku bese kuyisigameko sesithupha.

“Esingaphambi kwaleso senzeke emasontweni amabili edlule. Selanywa ezinye ezenzeke ngaphambi kwalokho. Lulodwa uhlangothi lwehhovisi lethu abalokhu belugqekeza, yilolu olugcina ama-passport aselungele ukulandwa,” kusho uMagagula.

Uveze ukuthi athathwa kakhulu yilawo abesilisa bomdabu waseNdiya. 

“Asingabazi ukuthi kunethimba elenza lo mkhuba, futhi asikungabazi ukuthi basebenza baningi. Kubona sisola nokuthi kukhona nabethu, abakhona la ngaphakathi,” kusho uMagagula.

Uthe bazamile ukwenyusa izinga lezokuphepha emva kokuqaphela ukuthi lezi zigameko sezithanda ukwanda kodwa bayabona ukuthi lokhu akwenzi mehluko.

“Sishintshe indawo lapho ebekwakhona ama-passport, sawafaka emakhabetheni aqine ngokwanele kodwa buyaqhubeka lobu bugebengu,” kusho uMagagula.

Unxuse zonke izinhlaka zomphakathi ukuthi zibasize ngalo lonke uhlobo lolwazi olungaba wusizo njengoba ethi kuyacaca ukuthi kukhishwe imali eshisiwe ukuze kuqhubeke iphrojekthi yokwebiwa kwama-passport.  

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseDurban Central avule icala lokweba kulandela ukuthi ukugqekezwa kwehhovisi lo mnyango kahulumeni ngempelasonto. 

“Kubikwa ukuthi kukhona okwebiwe kuleli hhovisi,” kuqinisekisa uNetshiunda.