Silokhu sikhale njalo isibhamu sibheke emzini owodwa
Image: sigciniwe
BEKUKHONA nomfowabo kaMnqobi "Number 10" Nzimande weWest, kwababili, okuthiwa badutshulwe, babulawa eminye imigulukudu, eziMangweni, eNanda, ngempelasonto.
Isolezwe lipotshozelwe wumthombo walo ongeke uvezwe ukuthi umufi yilo owayedansa nehlahla lomlahlankosi emngcwabeni kaMnqobi ngoFebhuwari kulo nyaka, maqede kwababaza wonke umuntu ezinkundleni zokuxhumana.
Ngokusho komthombo, umufi nedlanzana leminye imigulukudu, bebezihlalele ngaphandle kwesitolo kule ndawo ngesikhathi kungena inkulumo yokuthi kukhona “abakweleta uMnqobi uphawini wakhe”, okuyimali.
“Kuthiwa iqale lapho ingxabano, bebanga ukuthi njengoba kwabulawa uMnqobi, wafa kade besebenze imali ethize, okwathi uma esebulawa amaphoyisa, bangabe besawuletha uphawini wakhe,” kusho umthombo.
Uthe umufi ubedinwa wukuthi ngisho nangemuva komngcwabo kaMnqobi, abazange bayilethe le mali emndenini.
Umthombo uthe umufi uyindodana yesithathu esiswini sikanina ukubulawa ngesibhamu.
Lokhu Isolezwe lakuthola enkulumeni ekhethekile elaba nayo nomndeni emva komngcwabo kaMnqobi ngoFebhuwari, lapho udadewabo, uNksz Nompumelelo Mngoma, aveza ukuthi ngo-2024, bashonelwa omunye umfowabo, uMmeli Nzimande, owafa ngokudutshulwa.
Ngokusho kwakhe, uMmeli wazithola esendaweni engafanele, ngesikhathi esingafanele, wase edutshulwa. Waveza ukuthi kwakubanjwa inkunzi endaweni yesigameko, uMmeli azithola ekuyo, wase edubuleka.
Yize kunjalo amalungu omphakathi ayichitha le nkulumo, athi isosha lafela emsebenzini walo.
UMnqobi ubeyindodana yesibili kunina ukubulawa ngesibhamu. Wadutshulwa amaphoyisa ekupheleni kukaJanuwari kulo nyaka, betholene phezulu ngezulu lezandla eVerulam.
Ngaleso sikhathi amaphoyisa aveza ukuthi ubefunelwa amacala angaphezu kuka-20 okubulala.
Ethintwa uNksz Mngoma kulandela isehlakalo sangoMgqibelo, uthe akukho afuna ukukuphawula ngaphandle kokuthi athi: “Lokhu enizwe kuthiwa kwenzekile, okubhalwe ezinkundleni zokuxhumana, kuyikho. Sisemanzini, siphatheke kabi asifuni ukulokhu siphawula.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseNanda aphenya amacala okubulala amabili emva kokudutshulwa kwabesilisa ababili eziMangweni eNanda.
“Kuthiwa abafi badutshulwe kuphindelelwa ngabasolwa abangaziwa,” kusho uConstable Ngcobo.
Related Topics: