Umengameli waseUSA uDonald Trump enikeza owakuleli uCyril Ramaphosa amaphepha 'obufakazi' bokubulawa kwamaBhunu ngesikhathi benomhlangano e-Oval Office, eWhite House, eWashington.
Image: AFP
UMENGAMELI waseMelika, uMnuz Donald Trump, ufune incazelo egcwele ngokwenzeka kuleli, njengoba ethi abalimi abamhlophe bayabulawa, bathathelwe nomhlaba.
UTrump uthe yimbi into eyenzeka eMzansi ngoba abalimi baze bafudukele eMelika ngoba behlukunyezwa.
Ukusho lokhu ngesikhathi ehlangene noMengameli Cyril Ramaphosa izolo ebusuku, ngokwesikhathi sakuleli, eWhite House, eMelika.
"Sizoxoxa ngezinto ezenzeka eNingizimu Afrika. Sifuna ukwazi ukuthi kwenzekalani, kubulawa abalimi abamhlophe. Nginabangani abaningi eNingizimu Afrika. Ngithobekile ngokuthi uze kuleli, angazi inombolo yami yocingo uyithathephi," kusho uTrump kuRamaphosa, kwaqhuma uhleko.
Uthe bathole izikhalazo eziningi ngokwenzeka kubalimi abamhlophe kuleli.
"Sithole izikhalazo ngeNingizimu Afrika. Sinabantu abangu-21 million abangena emingceleni yaseMelika, abanye basuke bebaleke emazweni abo, abanye basuke beyizigebengu, besuka emajele abanye. Abantu bakhathazekile ngokwenzeka eNingizimu Afrika. Sethemba ukuthi nizosichazela ukuthi kwenzakalani," kusho uTrump.
URamaphosa uthe abangani bakaTrump, abanye babo abasuka eMzansi, bazophefumula ngokwenzeka kubalimi abamhlophe.
"Sifuna uTrump alalele okuzoshiwo nanguNgqongqoshe wezoLimo, uMnuz John Steenhuisen, ngokwenzeka eNingizimu Afrika," kubeka uRamaphosa.
UTrump ube esecela ukuthi adlalelwe okwenzeka kuleli, kwadlalwa i-video lapho umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ecula amaculo okubalwa nelithi akubulawe abalimi.
Uvezwe uMalema ecula nelithi "shoot to kill".
Kudlalwe ne-video yomholi weqembu uMkhonto weSizwe, uMnuz Jacob Zuma, ecula elithi "sizobadubula ngombayimbayi".
Ephendula, uRamaphosa uthe ezinye zezinto ziphambene nomgomo kahulumeni noma kuthiwa zishiwo ePhalamende.
Ubalule ukuthi intando yeningi iyavuma ukuthi amaqembu amancane abekhona ePhalamende.
UTrump uthe uRamaphosa uvumela ukuthi kuthathwe umhlaba, uRamaphosa wakuchitha lokhu, wathi abantu bayabulawa kubalwa nabamnyama.
"Safundiswa uMengameli Nelson Mandela ukuthi uma kukhona ukungaboni ngaso linye, sihlale phansi sixoxe ngezinkinga. Sinobudlelwano bokusebenzisana phakathi kwamazwe womabili," kusho uRamaphosa.
UTrump uthe ziningi izinto ezenzeka kwamanye amazwe kodwa zimbi kakhulu ezenzeka eNingizimu Afrika.
"Nishaye umthetho wokuthi kuthathwe umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. Nithatha umhlaba wabantu bese nibabulala, yinto embi le eniyenzayo," kusho uTrump.
URamaphosa uthe awukho umhlaba odliwa ngejozi kuleli njengoba kunoMthethosisekelo olandelwayo.
URamaphosa uthe kunenkampani ezingu-22 zaseNingizimu Afrika eziseMelika, ezinye ezingu-600 zaseMelika ziseNingizimu Afrika.
"Siyazi sinezimbiwa enizidinga kakhulu, nathi sinezinto esizidinga eMelika. Ngakhuluma nawe ngesikhathi seCovid-19, wasihlinzeka ngezinto zokuphefumula, wasisiza kakhulu ekulweni neCovid-19."
USteenhuisen uthe abalimi abaningi bafuna ukuzinza eMzansi, abafuni ukuhamba baye kwamanye amazwe ngenxa yokuhlaselwa.
"Abaholi ababonakala kwi-video becula, uZuma noMalema bangabantu abasemaqenjini aphikisayo. Siyasebenzisana singamaqembu ahlukene kuhulumeni wokubambisana," kusho uSteenhuisen.
UTrump ubuze ukuthi kungani engaboshwanga uMalema othi akubulawe abalimi abamhlophe?
Umpetha wegalofu wakuleli u-Ernie Els, ongumngani kaTrump, uthe bafuna elakuleli lithuthuke.
Related Topics: