Izindaba

Injabulo yokunganyuswa kweVAT iphenduke usizi kuleli

sabelo mbatha|Published

UNGQONGQOSHE wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana (ogqoke isigqoko) nethimba lakhe okubalwa nelakwaSars izolo ethula isabelomali eKapa

Image: IPHALAMENDE/Facebook

IPHENDUKE usizi injabulo yokunganyuswa kwentela efakwa uma kuthengwa impahla kuleli iVAT njengoba uNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana, ememezele ukunyusa intela efakwa kuphethroli kusuka ngenyanga ezayo.

Lokhu kufana nokuthi abantu bakuleli bebebalekela ukushaywa yinyoka kodwa bangena emlonyeni wengwenya njengoba ukunyuswa kwale ntela eyaziwa nge-fuel levy, okuqala ngoJuni 4 kuzoshaya abahluphekayo.

Ukunyuswa kwale ntela kuzoba nomthelela ekunyukeni kokudla kuleli nezinto zokuthutha.

UGodongwana uthe ukuze uhulumeni akwazi ukukhulisa isikhwama sakhe kuphoqe ukuba kuthathwe izinqumo ezinzima phakathi kwazo okubalwa ukunyuswa kwale ntela.

Ethula isabelomali eKapa, uGodongwana umemezele ukuthi eminyakeni emithathu ubekumisile ukunyusa le ntela kaphethroli.

Uthe kusukela ngoJuni 4 kulo nyaka, intela kaphethroli izonyuka ngo-16c ilitha kuthi ekadizili ibe ngu-15c.

“Ngeshwa lokhu kukodwa ngeke kukwazi ukuvala umgodi esikhwameni sethu kulesi sikhathi. Ngakho-ke isabelomali sika-2026 kufanele siphakamise ezinye izindlela zokunyusa intela ukuze siqoqe imali engu-R20 billlion,” kusho uGodongwana.

Uveze ukuthi bangeze u-R7.5 billion ukulekelela iSouth African Revenue Service ukuze ikwazi ukuqoqa intela.

“Ingxenye yalesi sabelo izosetshenziselwa ukwandisa imali esiyikweletwayo. ISARS isiveze ukuthi singaqoqa imali ephakathi kuka-R20 billion kuya ku-R50 billion emalini eyengeziwe ngonyaka.”

UGodongwana uphinde wakuqinisekisa ukuthiiVAT ngeke inyuswe.

Kuzokhumbuleka ukuthi isabelomali ebesithulwa izolo bese kungesesithathu kulo nyaka, okudalwe wukuthi amaqembu epolitiki achitha ebeziphakamisa ukunyuswa kweVAT.

"Inkulumompikiswano ebalulekile kodwa edale ukunganeliseki. Sekucacile manje.ukuthi iVAT ngeke inyuke izohlala emaphesentini angu-15,” kuqinisekisa uGodongwana, othe lesi sinqumo sikhombisa ukuzibophezela kukahulumeni ekulaleleni izakhamuzi zaseNingizimu Afrika nawo wonke amaqembu amelwe ePhalamende.

Kodwa, uthe iqiniso elingenakuphikwa elokuthi ukungayinyusi iVAT ibe ingekho enye indlela yokwenza imali, kuzonqinda uhulumeni amandla okuxhasa ngemali ezinye izinhlelo.

“Noma kunjalo, lesi sabelomali silekelela ekutheni kube nesimo esihle semali, ukuhlinzekwa kwezibonelelo nokutshala ekukhuleni komnotho."

Ekhuluma ngalesi sabelomali, uthe ingqalasizinda yabelwe u-R1 trillion ngenhloso yokufukula umnotho nokwenza ngcono ukuhlinzekwa kwezidingo.

Ubalule isimo somnotho emhlabeni athe sesishintshile esikhathini esiyizinyanga ezimbili kanti okukhathaza kakhulu wukuthi sesibe nomthelela emnothweni waseNingizimu Afrika.