Izindaba

Asiyi ndawo isibonelelo sabangatohozi: Godongwana

sabelo mbatha|Published

UQEDE ukuqagela ngesibonelelo sabangatohozi sika-R370 uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, ngesikhathi ememezela ukuthi sizoqhubeka kuze kube unyaka ozayo.

Image: Nadine Hutton/Bloomberg

UQEDE ukuqagela ngesibonelelo sabangatohozi sika-R370 uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, ngesikhathi ememezela ukuthi sizoqhubeka kuze kube unyaka ozayo.

Ukuveze lokhu ethula isabelomali sika-2025 ePhalamende izolo, lapho edalule ukuthi lesi sibonelelo esibizwa ngeSocial Relief of Distress (SRD), sizoqhubeka kuze kube sekupheleni kukaMashi 2026.

Bekunovalo lokuthi singase simiswe lesi sibonelelo esaqala ngesikhathi seCovid-19 njengoba isimo somnotho  singesihle.

“Uhulumeni usafuna izindlela zokuhlanganisa lesi sibonelelo namathuba omsebenzi. Lokhu kubandakanya ukucabangisisa ngokubanika isibonelelo abasafuna umsebenzi nezinye izindlela." 

Uthe inhloso kahulumeni akusikho ukuhlinzeka ngosizo lwesikhashana kodwa wukwakha izindlela zokuqasheka, ukusimamisa izakhamuzi ukuze zikwazi ukwakhela zona nemindeni yazo ikusasa elihle.

Kusona lesi sabelomali, kuhlomule izinkulisa ezengezelwe u-R10 billion njengoba kwakumenyezelwe kwisabelomali sika-12 Mashi esachithwa kanti lokhu kwenzelwa ukuthi izingane zikwazi ukuthola imfundo yasezinkulisa.

“Lokhu kuzonyusa uxhaso lwezinkulisa lusuka ku-R17 ingane ngosuku luye ku-R24. Olunye uxhasomali luzosiza ezinye izingane ezingu-700 000 kuze kufinyelele kwezineminyaka engu-5,” kusho uGodongwana.

Uphinde waveza ukuthi ezempilo ezifundazweni zabelwe u-R845 billion.

Uthe ngalokhu kuzoqashwa odokotela abazosebenza emiphakathini abangu-800 kutholakale nempahla ebalulekile kuncishiswe nezikweletu.

Omasipala, kulesi sabelomali, bathole uR552.7 billion, uGodongwana uthe le mali izosiza ukubhekana nezindleko zamanzi nogesi wamahhala onikwa imindeni entulayo.

IMinyango yezeMfundo ezifundazweni ithole u-R1.04 trillion kanti u-R9.5 billion uzophinde wengezwe ukugcina othisha emagumbini okufundela nokuqasha abasebenzi abaningi.

Uthe u-R1.4 billion wabelwe ukwelekelela emalungiselelweni okhetho lohulumeni basekhaya oluzayo, u-R885 million uya kwi-Independent Electoral Commission (IEC), u-R550 million wabelwe amaphoyisa ukuze aqaphe isimo ngalesi sikhathi.