AMAPHOYISA asuse ngesidlozane ilungu leMK ebelibhikisha lapho bekuthulwa khona isabelomali sezwe eKapa, izolo, uMnuz Lucky Montana no-Adv Rod Solomons weSouth Africa First Forum
Image: Ayanda Ndamane/Independent Media
BAZOTHWALA kanzima abantu abahlwempu kuleli ngokunyuswa kwentela efakwa kuphethroli njengoba lokhu kuzonyusa ukudla kanjalo nezinto zokuthutha.
Lokhu kushiwo amaqembu aphikisayo, ePhalamende, emuva kwesimemezelo esenziwe nguNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, sokuyusa intela eyaziwa nge-fuel levy ngo-16c kusuka ngenyanga ezayo.
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ukhale ngokuthi isabelomali abaseseki ngenxa yokuthi sizothwalisa kanzima abahlwempu.
Uthe abantu basazoqhubeka badonse kanzima ngemuva kokunyuswa kwale ntela.
"Abantu bazokhokha imali ethe xaxa ngokudla ngoba kuzonyuka. Siyasichitha isabelomali ngoba asibabhekeli abamhlwempu," usho kanje.
UMnuz Vuyo Zungula we-ATM ukhale ngokuthi akuzange kwandiswe ukudla okungenayo i-VAT okwenza isabelomali singabazweli abahlwempu.
Ukhale ngokunyuswa kwentela kaphethroli, wathi abantu bazoshayeka ngoba kuzonyuka amatekisi.
"Abantu abasebenzisa izinto zokuthutha bazoshayeka kakhulu. Lesi sabelomali asizwelani nabantu abahlwempu."
Okhulumela iqembu Umkhonto weSizwe, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, ugxeke isabelomali wathi sifana nento engekho.
Usifanise noMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, obengekho eseMelika njengoba ehlangane noMengameli wakuleliya lizwe, uMnuz Donald Trump.
"Asiseseki lesi sabelomali ngoba sizohluphekisa abantu. Akusona isabelomali esikhipha abantu osizini lobubha ngenxa yokuthi kuzonyuka izinto eziningi."
UMnuz Nqabayomzi Kwankwa we-UDM, ukhale ngokuthi isabelomali kasivezi ukuthi izoqhamukaphi imali yokuvala isikweletu sezwe.
Ukhale ngokuthi inkulu kakhulu imali ekhokhwa nsuku zonke ngenxa yesikweletu sezwe.
"Asicacisanga ukuthi izoqhamukaphi imali yokuvala igebe elikhona lokunganyuswa kweVAT."
UMnuz Steve Swart we-ACDP, ukhale ngokunyuswa kwentela kaphethroli, wathi izoshaya abahlwempu.
I-DA ne-IFP basesekile isabelomali bathi sizophucula imikhakha efana nezemfundo nezempilo.
Umholi we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, ukhale ngokuthi akwandiswanga ukudla okungenantela, wathi kodwa isabelomali sizophucula ingqalasizinda.
UDkt Alex Mashilo we-SACP, ukuchithile ukunyuswa kwentela kaphethroli wathi abantu yibona abazothwala kanzima.
"Siphunyuke kwiVAT saya ekunyusweni kukaphethroli. Nakanjani lokhu kuzobashaya abantu abahlwempu."
Related Topics: