Ubhekwe ukuthi uqinise ubudlelwano phakathi kwelakuleli nelaseMelika umhlangano kaMengameli Cyril Ramaphosa noDonald Trump
Image: SihleMlambo/IOL
UMNYANGO wezobuDlelwano namaMazwe omhlaba unethemba elikhulu lokuthi umhlangano obhekwe ngabomvu phakathi kukaMengameli Cyril Ramaphosa, noMengameli waseMelika, uDonald Trump, uzoqinisa ubudlelwano phakathi kwala mazwe.
URamaphosa noTrump kulindeleke ukuba babe nomhlangano eziNdlini zoMbuso eMelika, iWhite House namhlanje.
Ekhuluma neziko labezindaba likahulumeni, iSAnews, ngaphambi kokutheleka kukaRamaphosa eMelika, uMnuz Clayson Monyela, walo Mnyango, uthe ukuhambela kukaRamaphosa kuleliya zwe kuyisinyathelo esibaluleke kakhulu neqhinga elizoqinisa ubudlelwano bala mazwe.
Muva nje, ubudlelwano beNingizimu Afrika neMelika bubonakale budungeka kusukela ngoFebhuwari nonyaka, ngesikhathi uTrump enqamula uxhasomali lweNingizimu Afrika lokusiza izinhlelo zokulwa nengculaza nesandulela sayo.
Akugcinanga lapho, uTrump uphinde wakhomba indlela obeyinxusa lakuleli eMelika, uMnuz Ebrahim Rasool, emva kokwenza inkulumo engehlanga kahle kwabaseMelika. Ngeledlule, iqeqebana labamhlophe libophe imithwalo, lalibangisa eMelika njengababaleki likhala ngokungaphathwa kahle eNingizimu Afrika.
URamaphosa ukuchithile ukuthi laba ababaleki. UMonyela uthe bayathemba ukuthi umhlangano walaba baholi uzonika ithuba lokudingida nokucacisa izinkulumo ezikhona ngokwenzenjalo kuqine ubudlelwano bala mazwe.
“Sifuna ukubonga ukuthi kunethuba lokuba laba baholi baxoxisane. Ukuthi uMengameli Ramaphosa ulapha eWashington, ehambisana nongqongqoshe abane ukuzohlangana noMengameli Trump nethimba lakhe, kuyigxathu elihle nobudlelwano phakathi kwala mazwe obubalulekile," kusho uMonyela.
Uchaze iMelika njengezwe lesibili ngobukhulu elihwebelana neNingizimu Afrika, ukugcizelele ukuthi la mazwe asesebenzisane iminyaka eminingi.
“IMelika izwe lesibili ngobukhulu esihwebelana nalo. Sinomnotho ohlukile, onamandla, ohamba phambili ezwenikazi i-Afrika, kumanje singabasingathi beG20, ngakho-ke lo mhlangano ubalulekile ukuba la mazwe omabili ahlangane axoxe ngezinto ezizoqinisa ubudlelwano obuvele bukhona phakathi kwala mazwe okuzohlomulisa abantu bawo, " kusho Monyela.
Ukuvumile ukuthi kukhona okusadinga ukuchazwa futhi kucaciswe ekugcineni kodwa banethemba lokuthi lezi zingxoxo zizosiza ukuba kusondelwane kuqhutshekelwe phambili futhi kuqiniswe ubudlelwano obuzozuzisa la mazwe omabili.
Uthe iNingizimu Afrika ayinabo ubudlelwano eMelika kuphela kodwa itshale imali emnothweni wakuleliya zwe.
Ephetha uthe: "Sitshale imali emnothweni waseMelika. Izinkampani zaseNingizimu Afrika ezifana neNando's iyasebenza lapha. Uma uya eLouisiana, uzothola izikhamuzi eziningi zaseMelika ziqashwe izinkampani zaseNingizimu Afrika."
Uthe abaya kulo mhlangano njengezwe elingaphethe lutho okungakho kubalulekile ukuthi buqiniswe ubudlelwano bala mazwe.
Related Topics: