Izindaba

Kwembulwa kwembeswa kogwazwe wagona amathumbu

Zimbili Vilakazi|Published

Owesifazane kuthiwa ugwazwe owesilisa, odinwe wukuthi unqabe ukuthi baye ocansini.

Image: sigciniwe

KWEMBULWA kwembeswa kowesifazane okuthiwa ubhokodwe ngommese esiswini, amathumbu aphumela ngaphandle enkabeni yedolobha oThongathi ngoMgqibelo.

Owesifazane kuthiwa ugwazwe owesilisa, odinwe wukuthi unqabe ukuthi baye ocansini.

Ngokusho kwabenkampani yonogada eqapha ubugebengu, iReaction Unit South Africa (Rusa), umsolwa ungaphandle ngoshwele.

Okhulumela iRusa, uMnuz Prem Balram, uthe umsolwa wayeboshelwe icala lokubulala.

Elandisa ngesigameko, uPrem uthe umsolwa ufice umgilwa emi yedwa, elinde isoka lakhe ebelisangene kwesinye isitolo.

“Kuthiwa ufike wacela ukuthi baye ocansini nomgilwa, kuthe uma enqaba, wavele wakhipha ummese, wamgwaza esiswini, wasishiya sivulekile,” kusho uBalram.

Uqhube wathi isoka likamgilwa elimfice eselimele, livele lamqhuba nge-trolley, limphuthumisa emtholampilo oseduzane.

Udalule ukuthi unogada wakwaRusa, obehamba ngesithuthuthu, ezulazula emgwaqweni uGopalall Hurbans, eqapha ubugebengu umiswe yisoka likamgilwa, limtshela ukuthi usegwazwe wumuntu ongaziwa. 

“Ngesikhathi besendleleni beya endaweni yesigameko, isoka likamgilwa libe selimbona umsolwa, lamkhombisa unogada, ongapholisanga maseko, wamjaha,” kusho uBalram. 

Uqhube wathi umsolwa uvele wakhipha ummese, efuna ukugwaza unogada.

“Unogada ukwazile ukunqoba umsolwa obekhombisa udlame, wambopha, wase emnikela emaphoyiseni,” kusho uBalram.