UNOBHALA jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, obebingelela amalungu e-ANC abehambele emzini wePhini likamengameli wophiko lwabesifazane lwale nhlangano eThekwini elishone ngempelasonto uNkk Lungi Mnganga-Gcabashe
Image: ANC/X
UNCOME isenzo sikamengameli Cyril Ramaphosa sokuya eMelika ayozama ukuphemba ubudlelwano naleliya lizwe ngoba lingelesibili ngobukhulu elihweba nelakuleli.
Lokhu kuvezwe nguNobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, njengoba izolo uRamaphosa efikile eMelika eyohlangana noMengameli Donald Trump.
UMbalula uthe okwenziwa nguRamaphosa, yinto vele okumele yenziwe umengameli wezwe.
"Abanganakwa abahleli ekhoneni abagxekayo. Lokhu okwenziwa nguRamaphosa yinto eyenziwa wumengameli wezwe ukuthi avuselele ubudlelwano namazwe afana neMelika, abalulekile emhlabeni," kusho uMbalula.
Ukusho lokhu izolo ekhuluma nezintatheli, beyobhonga emswanini emndenini wePhini likamengameli wophiko lwabesifazane kule nhlangano uNkk Lungi Mnganga-Gcabashe, eWestville eThekwini.
Mayelana nesabelomali esizothulwa nguNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana kusasa, uthe uRamaphosa akayile eholidini eMelika kodwa uyokwenza umsebenzi obalulekile.
"Sinethemba lokuthi ngoLwesithathu, sizophasiswa isabelomali. Izwe liphethwe nguNgqongqoshe uMnuz Gwede Mantashe, kanti umsebenzi uyaqhubeka njengoba sizobe sikhona eKapa uma sesethulwa isabelomali."
Uthe uyazi ukuthi kukhona abangeke baseseke isabelomali uma sesethulwa kusasa ePhalamende eKapa.
Usho lokhu nje kukhona abebezibuza ukuthi sizothulwa kanjani isabelomali engekho uRamaphosa.
Abophiko lwabesifazane bakaKhongolose abehambele emzini wePhini likamengameli wophiko lwabesifazane lwale nhlangano eThekwini elishone ngempelasonto uNkk Lungi Mnganga-Gcabashe
Image: ANC/X
UMbalula uthe bavumelene nomndeni kaNkk Mnganga-Gcabashe ukuthi umngcwabo wakhe ube ngoMgqibelo, eNkosi Albert Luthuli Convention Centre.
UNkk Mnganga-Gcabashe udlule emhlabeni ngoMgqibelo.
Amaqembu ahlukene abhonge emswanini ngokudlula emhlabeni kwalo mholi.
UMbalula ulincomile iqhaza lakhe ekulweleni izinto ezithinta abesifazane kuleli.
"Silahlekelwe ngumuntu onamava emikhakheni ehlukene. Ubelwela ukuvikela amalungelo abesifazane ," usho uMbalula.
I-ANCWL KwaZulu-Natal ichaze uNkk Mnganga-Gcabashe njengomunye wabesifazane abasebenze ngokuzikhandla ukulwela inkululeko.
"Ubengafuni udumo noma izikhundla kodwa usebenze kanzima ukulwela abesifazane nomphakathi ukuzwakalisa umzabalazo ngesikhathi esinzima, okuthe ngokukhula emzabalazweni ubuhlakani bakhe kwipolitiki nothando lwakhe kwashiya umsizilo ongenakucishwa," kusho uphiko lwabesifazane KwaZulu-Natal.
Related Topics: