Izindaba

Kukhalwa ngezikole ezingayifundisi i-maths kuleli

Mhlengi Shangase|Published

UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube oveze ukuthi kumele abafundi bazikhethele izifundo abazithandayo

Image: Supplied

LIKHATHAZEKILE ikomiti leMfundo eyisiSekelo ePhalamende ngokuthi zingaphezu kuka-400 izikole zamabanga aphezulu kuleli ezingayifundisi nhlobo i-maths.

Lezi zikole zifundisa i-maths literacy kuphela njengoba kusuka kwaGrade 10 kuya kwaGrade 12, abafundi kumele benze i-maths noma i-maths literacy.

Lokhu kwenzeka phezu kokuba kuhlale kuhlatshwa ikhwelo lokuthi abafundi benze i-maths ukuze bakwazi ukungena emikhakheni ehlukene.

Kwabona abafundi ikakhulu abenza u-matric, bahlale bekhala ngokuthi abakwazi ukungena kweminye imikhakha ezikhungweni zemfundo ephakeme ngenxa yokuthi basuke benze i-maths literacy.

Usihlalo wekomiti, uNksz Joy Maimela, ukhale ngokuthi zingu-462 izikole zamabanga aphezulu ezingayifundisi i-maths.

Uthe lokhu kuveza ukuthi kunabafundi abashiywe ngaphandle abangakwazi ukwenza i-maths ezindaweni zasemakhaya.

"Akumele ngabe uma umfundi efuna ukwenza i-maths angakwazi ngenxa yokuthi kayifundwa esikoleni sakhe. Umfundi kumele akwazi ukusenza lesi sifundo, angancishwa ithuba." 

Ngokwezibalo zomnyango, kulezi zikole ayikho i-maths kanjalo ne-technical maths, kufundiswa kuphela i-maths literacy.

Ziveze nokuthi izifundazwe ezinezikole eziningi ezingayenzisi i-maths kubalwa neKwaZulu-Natal.

"I-KZN inezikole ezingu-136 ezingayenzisi nhlobo i-maths, kulandele i-Eastern Cape ngezingu-97, endaweni yesithathu kuneLimpopo ngezingu-78. EWestern Cape zingu-61."

Umqondisi jikelele emnyangweni, uMnuz Mathanzima Mweli, uthe iningi lalezi zikole zinesibalo esincane sabafundi.

Uthe lokhu kudalwa ngukuthi abafundi bafudukela kwezinye izindawo ngenxa yokuthi abazali babo basuke sebeyosebenza kwezinye izindawo.

"Lokhu kwenza ukuthi singakwazi ukuhlinzeka othisha abenele kulezi zikole. Sisebenzisana neminyango yezifundazwe ukuze ihlinzeke ngezinto zokuthutha, abafundi bayiswe kwezinye izikole," kusho uMweli.

UNgqongqoshe walo mnyango, uNksz Siviwe Gwarube, uthe ukhathazekile ngalesi simo sezikole ezingayifundisi imaths.

Uthe banezinhlelo zokuhlanganisa izikole ezehlelwa yisibalo sabafundi nalezo ezinyukelwa, isibalo sabafundi.

"Sigxile emfundweni yasemazingeni aphansi ukuze abafundi basenze lesi sifundo. Siyakhala ngabanye abafundi, abagqugquzelwa ukuthi bangasenzi lesi sifundo ngoba kuthiwa sinzima, okwenziwa othisha babo. Yinto okumele iphele le," usho kanje.

UMweli noNksz Gwarube bathe abafundi kumele bazikhethele izifundo abafuna ukuzenza okubalwa nayo imaths.