Izindaba

Bakhipha izingane zabo eBizimali ngenxa yomdlwenguli

Zimbili Vilakazi|Published

Abafundi baseBizimali High eNkandla abebebhikisha bekhala ngodlwengula ephindelela ogadlla kubafundi abaqashile

Image: Sithunyelwe

KUME nse ukufunda esikoleni esidume ngemiphumela emihle ka-matric eNkandla, iBizimali High, abafundi bebhikishela ukuphepha emakotishi abaqashe kuwo, bekhala ngokudlwengulwa kozakwabo.

Ngokuthola kweSolezwe, zibalelwa kwezinhlanu izigameko zokudlwengulwa kwabafundi balesi sikole ezenzeke ukusuka emasontweni ambalwa edlule. 

Lezi zehlakalo zisukumise noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, oyalele amaphoyisa ukuthi abophe abasoleka kulezi zehlakalo.

Ikhansela lendawo, uMnuz Philani Ngubane, lithe kulezi zigameko ezibikwayo, lona likhumbula ezimbili.

“Esakamumva senzeke phakathi nesonto eledlule, lapho umfundi oqashe komunye wemizi eyakhele isikole, ephume waya ethoyilethi elingaphandle entathakusa ngabo-4, ekhishwa yisisu. Kuthe esephuma kulo, esebuyela ekotishi lakhe, wathola umsolwa esemlinde ngaphandle, wamdlwengula,” kusho uNgubane.

Uthe kwesinye esandulela leso, kube ngesabafundi ababili, abangenelwe wumsolwa ekotishi labo, wabaqhuba ebayisa ehlathini.

“Lo osindile, agcine engakwazanga ukumdlwengula, ukwazile ukulwa naye, waphunyuka, wabaleka namanxeba okulinyazwa. Lo ongakwazanga ukuphunyuka,udlwenguliwe,” kusho uNgubane.

Uthe kuzo zonke izigameko ezibikwayo, munye owesilisa osolwayo.

Uveze ukuthi kuba nesiteleka sabafundi nje, bebenomhlangano wabazali ngeSonto. Kuwona uthe bekukhona abazali, ubuholi besikole, umphakathi, omastende, iforamu eqapha ubugebengu endaweni kanjalo namaphoyisa. 

“Umhlangano singasho ukuthi ube yimpumelelo ngoba amaphoyisa ashilo ukuthi nakuba engeke ande kakhulu ngamazwi ngoba lokho kuzophazamisa uphenyo, kodwa ukhona umkhondo awulandelayo,” kusho uNgubane.

Uveze ukuthi kwezinye izinhlaka ebezikhona, kushiyane imibono, njengoba abanye bezwakalise ukugculiseka ngesikhathi abanye bezwakalise ukungagculiseki, kwathi abanye bakhombisa ukukhathazeka. 

“Abanye abazali banelisekile ngokushiwo amaphoyisa kodwa ebebengagculisekile, bacele izincwadi zokukhipha izingane zabo kulesi sikole, baphindela nazo emuva,” kusho uNgubane.

Uthe abazali abenze lokho abanezingane ezivela ezindaweni ezikude, abathe ngeke bakwazi ukunikela ngezingane zabo ‘kumdlwenguli’ wendawo.

Kuthiwa laba bazali bebenza nezinsolo zokuthi umdlwenguli uhlasela izingane zabo ngoba kungezona ezendawo.

Kuvela ukuthi bebesola ngisho nomastende ukuthi abakwenzi okwanele ukuqinisekisa ukuthi izingane zabo ziphephile emakotishi abo.

“Omastende bakhombise ukuthi luyabahlupha lolu daba ngoba konke lokhu kwenzeka endaweni yabo. Uma unamakotishi ayishumi, abazali abayisithupha bekhipha izingane zabo esikoleni, okusho ukuthi ususele nezingane ezine. Bakhathazeke kakhulu,” kusho uNgubane.

Isolezwe emasontweni ambalwa edlule, liqala ukuzwa ngalolu daba, lathola ukuthi umsolwa ubethula izimpahla zabafundi zangaphansi kolayini.

Kuthiwa lokhu kwatshala uvalo lokuthi le ndawo inomalugaju, kwavela nokuthi abafundi sebenovalo lokuya emakilasini asebusuku, beyofunda.

Nokho uNgubane uthe lolu lwazi aluvelanga emhlanganweni obukhona.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uqinisekise isigameko esisodwa sokudlwengula. 

Uthe abaphenyi baseMariannhill beholwa wumphathi siteshi, uColonel Muzi Twala, babophe umsolwa (28) ngamacala okudlwengula, ukuthumba nokubamba inkunzi izolo. 

Kuthiwa umsolwa ubanjwe eTshelimnyama, lapho ebesebhace khona.

“Lokhu kulandela isigameko sokuthunjwa kuphinde kudlwengulwe intombazane (17) ngoMeyi 4, 2025. Umgilwa wahlaselwa wumsolwa elele, wamqhuba baya ehlathini, emsabisa ngommese, umsolwa wabe esedlwengula umgilwa, wamphuca imali yakhe neselula,” kusho uNetshiunda.

UNtuli uthe izehlakalo ezifuze lezi azinandawo emphakathini wethu.