UMNUZ Mike Mabuyakhulu esikhumbuzweni sikaNksz Balungile Shembe
Image: Sithunyelwe
OSETHIMBENI eliqokelwe ukwakha kabusha i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhulu, uthi ukumema amaqembu ezepolitiki ukuthi ahlangane ukuze kwakhiwe uhulumeni wobumbano kulesi sifundazwe akusho ukuthi uKhongolose usushintshile.
Lokhu ukusho ekhuluma emcimbini wesikhumbuzo sikaNksz Balungile Shembe, owayeyilungu laleli qembu owashona ngo-1990 eZulwini, oBuka, eMpangeni. UBalungile wayezalwa yinkosi uJohannes Galile (J.G) Shembe, iLanga, yaseKuphakameni kwaShembe.
Uthe: "Kungenxa yokuthi sinesibophezelo sokuqinisekisa ukuthi kukhona uzinzo ezweni lakithi, kanti futhi nomsebenzi wokwenza impilo yabantu bakithi ibe ngcono uyaqhubeka. Kulesi sikhathi esikuso okuyiyona ndlela ekhona ukuba siqhubeke nalo msebenzi, kube ngukuthi sisebenzisane namanye amaqembu."
Uthe abase bebhekile ngeminyaka ka-1994, bazokhumbula ukuthi bake baba khona ohulumeni bokubambisana ngo-1994 kanye nango-1999 KwaZulu-Natal, futhi kuningi okwazuzwa ngaleso sikhathi, okwakungeke kuzuzwe ukuba i-ANC yayingekho emandleni.
Uqhube wathi i-ANC ibuyisela umbutho wabantu kubantu futhi basebenzela abantu ngokweqiniso.
"Iqiniso elingephikwe ukuthi ayikho inhlangano yezepolitiki kuleli zwe lakithi eqonda kahle ukuthi kufanele lakhiwe kanjani izwe ngaphandle kukaKhongolose. Abaningi abazicabanga ukuthi bayizimbangi zikaKhongolose abakaze bahole ngisho amabrantshi abo. Abanye njalo, sebeke bahola kepha bahluleka bancama. NguKhongolose kuphela onombono ojulile wokuthi leli lizwe lakithi kumele silakhe kanjani. NguKhongolose kuphela onolwazi olunzulu, namagalelo abonakalayo okuhola isizwe nokuguqula impilo yabantu bakithi."
Ekhuluma ngoNksz Shembe uthe: "Abantu balapha Obuka namaphethelo bayaqonda ukuthi lingakanani iqhaza alibamba kanye nomndeni wakwaShembe ukuze sikwazi ukuthola inkululeko. Ngiyafisa ukucacisa ukuthi lo mndeni usuka kude nombutho wesizwe uKhongolose. Umlando uyasikhumbuza ukuthi ngisho uMqali wendlela, uMphrofethi Isaiah Mdliwamafa Shembe, wayenobuhlobo obukhulu noMengameli wokuqala kaKhongolose ubaba uJohn Langalibalele Dube."
Related Topics: