Izindaba

Bakikiza buthule ngokumiswa kwesikhulu emnyangweni

Nkosikhona Cele|Published

UMNUZ Sikhumbuzo Shabangu omisiwe emsebenzini, oyisikhulu eMnyangweni wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu- Natal

Image: SITHUNYELWE

ITSHE limi ngothi ngomsebenzi wesikhulu esiphezuliu eMnyangweni wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu-Natal, esimiswe isigubhukane emsebenzini sisolwa ngoxhaxha lwamacala.

Umthombo weSolezwe ongaphakathi emahhovisi alo mnyango, uzikhininde zonke uveza nencwadi ebhalelwe uMnuz Sikhumbuzo Shabangu onguMqondisi ehhovisi leNhloko yoMnyango.

Umthombo uveza ukuthi uShabangu phakathi kokunye asolwa ngakho, wukuqasha abasebenzi abangakulungele ukusebenza, wukweba ulwazi lwangasese loMnyango alusebenzisela ukuzizuzisa yena, ukupotshozela osonkontileka abasuke begaqele imisebenzi ngokusuke kudingeka nokungabahloniphi abasebenzi.

''Konakele, le ndoda imisiwe emsebenzini, yona angifuni ukuqamba amanga iyaganga kakhulu. Yenza noma yini ngendlela ethandwa yiyona,'' kulandisa umthombo wangaphakathi.

Isolezwe litholile ukuthi abasebenzi bakulo Mnyango bakikiza buthule ngokumiswa kukaShabangu, futhi abafisi ukuthi abuye. Ngokwencwadi abhalelwe yona Isolezwe elinayo, kuvela ukuthi ukubuyela kwakhe emsebenzini kuyoncika kokuzotholakala ophenyweni mayelana nokuziphatha kwakhe.

Le ncwadi eveza usuku lukaMeyi 13, isayinwe yisikhulu esiphezulu esisabambile uVish Govender.

Abasebenzi bakulo Mnyango abakhulume neSolezwe bacela kugodlwe amagama abo, bathe liphume nobovu ngokumiswa kukaShabangu.

''Impela mkhulu uNkulunkulu, kuzoke kushaye umoya njengoba emisiwe nje. Angimboni futhi ebuya,ngoba ubhekene namacala abucayi kakhulu,'' usho kanje.

Omunye umsebenzi naye obejabulile uthe ncinci kamjoli ngokunyakaziswa kwesigodlo ''sesikhondlakhondla''.

Uthe umbiza kanje ngoba ubenza umathanda maqede kungenzeki lutho kuyena.

''Ngiyamangala ukuthi ekugcineni useze wamiswa,'' usho kanje.

Kuvela ukuthi uShabangu kunezinye izikhulu zangaphambilini ibhantshi eligcine seligcwala umoya kuzona ngenxa yetulo abelikhanda ngazo.

''Bahambile abantu emsebenzini ngenxa yale ndoda,'' kusho omunye umsebenzi.

Umthombo ugcizelele ukuthi uShabangu akasiyena umholi okungathenjelwa kuyena ngenxa yokuthi uyahluleka wukuphatha abasebenzi ngendlela efanele. Kuvela ukuthi uShabangu waxoshelwa into ecishe ifane naxoshelwe yona komunye uMnyango abekuwona phambilini.

Ekhuluma neSolezwe uShabangu, uthe yipolitiki nje yangaphakathi eholele kukhona konke lokhu.

Kumiswa uShabangu nje zikhona ezinye izikhulu esezike zamiswa phambilini kulo Mnyango selokhu kungene uMphathiswa uMnuz Martin Meyer.

UMeyer phambilini wagcizelela ukuthi kulo mnyango abanayo indawo yamazambane abolile.