ISIGAMEKO sokuzilengisa kowesifazane senzeke emijondolo yaseBelvedere, oThongathi
Image: REACTION UNIT SOUTH AFRICA
KUTHIWA uphume endlini ebusuku ngoLwesibili, ebalekela ukugwazwa ngommese owesilisa waseBelvedere, oThongathi, obuye ezintatha, intombi yakhe isizilengisile.
Kulesi sigameko kuficwe umufi oneminyaka engu-30, esezilengisile ngaphakathi endlini kalona wesilisa.
Ngokusho komthombo, ocele ukungadalulwa, uthe owesilisa ongumnikazi wendlu ube nengxabano nomufi waze wamkhiphela ummese ngoLwesibili ebusuku.
“Esaba ukuthi bazolimazana nomufi, owesilisa uvele waphuma wahamba, emshiya yedwa endlini yakhe. Ubuye ezintatha, wazithela phezu kwakhe elenga,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi uzame ukumhlenga ngokuthi asike intambo okungabange kusasiza njengoba ebesevele ephangalele owesifazane.
Uthe lo wesilisa uveze ukuthi ngokuphuma kwakhe, emshiya yedwa owesifazane ubezama ukugwema inhlekelele, engazi ukuthi uzozithela phezu kwenye uma esebuya.
Umthombo uveze ukuthi kuvuswe izishoshovu zomphakathi endaweni okuyizo ezibize amaphoyisa endaweni yesigameko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Paul Magwaza, uthe amaphoyisa asoThongathi aphenya icala lokufa komuntu emva kokutholakala kowesifazane oneminyaka engu-30, ezilengisile endlini oThongathi.
“Imbangela eholele ekwenzekeni kwesigameko isaphenywa,” kusho uMagwaza.
Ezinkundleni zokuxhumana, kushiyana ukukhuluma ngalesi sigameko.
U-Agness Mabhikwa, uthe ukuhlukunyezwa ngokomqondo, ikakhulukazi ukukhulunywa kwamazwi abuhlungu nokuzwana nesinqandamathe esingakwazi ukuxolisa, kuholela ekubeni nokhwantalala, umuntu agcine ebona kufanele anqamuleze impilo yakhe.
UNjabulo Mabaso uthe: “Sizothini uma kuwukuthi uphinde wabuya wazombulala?”
“Kungenzeka ubengazenzi, abantu bagangile la mnyango. Mhlawumbe bekwenziwe ukuthi umtanomuntu azibulale yena, bese kuba ukuphela kwalobo budlelwano phakathi kwakhe nesoka lakhe. Ziyabakhona izingxabano kodwa le, mhlawumbe bekuyisichitho nje,” kusho uKamancinza Wakozondi.
UMandy Gxubane, uthe ukuthola kunzima ukukholwa ukuthi umufi ubengavele azihenge nje kanjalo.
“Ingathi lungaphenyisiswa kahle lolu daba,” kusho uGxubane.
Related Topics: