Izindaba

SIGOQA ISONTO: Kufe nobhongoza idudulana ngenhlamvu namaphoyisa eNanda

Zimbili Vilakazi|Published

INDAWO yesigameko lapho amaphoyisa adubule khona abulala abasolwa abathathu

Image: KZN SAPS

BEKUKHONA nomholi weqembu lemigulukudu, kwabathathu abathelwe othulini amaphoyisa, ngesikhathi bedubulana eZimbabwe, eMaoti, eNanda izolo.

Lokhu kuvezwe okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba endaweni yesigameko.

Elandisa uNetshiunda, uthe lo bhongoza, wasinda ngokulambisa ngesikhathi amaphoyisa ebopha abangani bakhe abane eCato Manor, ngenyanga edlule. 

Udalule ukuthi basola ukuthi uthinteka emacaleni okubulala angaphezu kuka-20 enzeke khona eNanda.

“Ezigamekweni zokubulala ezingaphezu kuka-20 ezibikiwe eNanda, amaphoyisa abethola amagobolondo ohlobo oluthile lwesibhamu esingaqondakali. Okumangazayo ukuthi kulesi sigameko sanamuhla (esho izolo), amaphoyisa athole amagobolondo afanayo nalawa abelokhu etholakala ezigamekweni ezedlule (angaqondakali),” kusho uNetshiunda. 

Uqhube wathi lesi sibhamu bese kuphele eside isikhathi besicinga. Uveze ukuthi abasolwa bafa nje, bavele badubula kuqala bebhekise emaphoyiseni ngesikhathi bebona ukuthi asegalelekile.

Uthe ngesikhathi sebeseshwa batholwe nezibhamu ezintathu, okusho ukuthi umsolwa ngamunye ubephethe isibhamu sakhe.

“Sizozithumela ukuthi ziyohlolwa, ukuze sikwazi ukuthola ukuthi zinamaphi amacala abikwe phambilini,” kusho uNetshiunda. 

Uthe abafi bebeyingxenye yelinye iqembu lemigulukudu, ebelizenza iWest kodwa lingeyona.

Khonamanjalo, kwenzeka lesi sigameko nje, amaphoyisa alalise uyaca kubasolwa abahlanu eMophela, eHammarsdale ngeSonto ebusuku. 

UNetshiunda uthe bebefunelwa amacala okubulala owesilisa nomkakhe, ezigamekweni ezehlukene, ezenzeke kuwo lo nyaka.

Ubuye waveza nokuthi bebefunelwa namacala amabili okubulala amaphoyisa amabili. 

“Esigamekweni sokubulawa kowesilisa (66), wadutshulwa, wabulawa emzini wakhe eKwandeni ngoMgqibelo odlule. Umufi ubeke wasinda bezama ukumdubula ngoJanuwari,” kusho uNetshiunda. 

Uthe inkosikazi kalona wesilisa, yona idutshulwe yabulawa emzini wayo ngoFebhuwari kuwo lo nyaka. 

Ngesikhathi kwenzeka isiwombe sokudubulana namaphoyisa, kuthiwa abasolwa babhadanywe amaphoyisa behamba ngemoto yabo emgwaqweni uMophela.

Kuvela ukuthi azamile ukubamisa kodwa bawashaya indiva, base bedubula bebhekise kuwo. 

“Nawo abuyisele ngenhlamvu, bafa bobahlanu. Batholwe nezibhamu ezintathu,” kusho uNetshiunda. 

Uthe kusazokwenziwa uphenyo kubhekwe ukuthi awekho yini amanye amacala abayamaniswa nawo.

Uthe bebengahlangene nalaba ababulawe eNanda, wathi bona bebezihluphela ngendlela yabo eHammarsdale.