Izindaba

Kuthombe okhiye kumphathiswa ngesihlava sokubulawa kwabesifazane

Zimbili Vilakazi|Published

UMPHATHISWA woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Shinga, ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseMzumbe lapho obekuvela khona osolwa ngokugwaza abulale unina wengane

Image: KZN Social Development

UMPHATHISWA woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Shinga, uthi sebedidekile ukuthi hloboluni lomyalezo okufanele bawedlulisele emphakathini ukukhuza isihlava sokubulawa kwabesifazane ngesihluku.

UNksz Shinga usho lokhu izolo ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseMzumbe, lapho obekuvela khona uMnuz Seluleko Zakwe, osolwa ngokugwaza abulale unina wengane yabo eneminyaka emithathu, eMthwalume ngoMgqibelo.

Kulesi sigameko, kubulawe ngesihluku uNksz Nozipho Mbhele (24), okuvela ukuthi umsolwa umbizele esangweni ngokumshayela ucingo, wase emgwaza emva kwengxabano. Umufi  ubesabhiyozela ukuwina kweKaizer Chiefs indebe yeNedbank Cup.

Umufi, okuvela ukuthi ugwazwe emqaleni, ubalekele egcekeni kubo, wanxusa umfowabo ukuthi amphuthumise esibhedlela, okuyilapho afike washonela khona, abahlengikazi besathi bazama ukumsiza.

UMPHATHISWA woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Mbali Shinga (ogqoke isishweshwe esiphuzi), ebhikisha nomphakathi nabezinhlangano ezingenzi nzuzo ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseMzumbe lapho obekuvela khona osolwa ngokugwaza abulale unina wengane

Image: KZN Social Developmeny

UNksz Shinga uthe: “Sizama ukucabanga ukuthi yimuphi ngempela umyalezo odingwa abantu bakithi.”

Ukhale ngokuthi umufi ubengowesifazane obesemncane, obezoba nekusasa eliqhakazile. 

Uthe kwayena umsolwa usemncane, bekukhona okungcono abengakwenza ngekusasa lakhe. 

“Ingane yabo isencane kakhulu. Njengamanje isele dengwane, unina ubulewe, uyise uzobolela ejele,” kusho uNksz Shinga, othe bewumnyango ziyabakhathaza izigameko zalolu hlobo.

UMPHATHISWA woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Mbali Shinga (ogqoke isishweshwe esiphuzi) nomphakathi nabezinhlangano ezingenzi nzuzo ngaphakathi eNkantolo yeMantshi yaseMzumbe lapho obekuvela khona osolwa ngokugwaza abulale unina wengane

Image: KZN Social Developmeny

Uncome umphakathi nabezinhlangano ezingenzi nzuzo ngokuphuma ngobuningi, bezobhikisha ngaphandle kwenkantolo, bephikisana nokuthi umsolwa adedelwe ngebheyili.

Icala lihlehlele uMeyi 21 ukuze umsolwa, ocele ukumelwa ummeli kahulumeni, akwazi ukufaka isicelo sebheyili. 

Phambilini, umfowabo kamufi, uMnuz Sanele Mbhele utshele Isolezwe ukuthi isigameko esenzeke bezihlalele ekhaya njengezelamani, bejabulela ukuwina kweChiefs.

Uthe umufi ungenelwe wucingo lomuntu ombuze ukuthi ukuphi, wamphendula ngokuthi usekhaya nomndeni wakhe.

Uqhube wathi babone esenyamalele, kwathi emva kwesikhashana, bambona engena egijima ebaleni, ebambe emqaleni, ethi: “Nangu uZakwe engigwaza.”

UMbhele uthe ngesikhathi embheka udadewabo ofike wazoma eduze kwakhe ebambe ngesandla emqaleni, ubone ukuthi uyopha. 

Uthe umphuthumise esibhedlela, okuyilapho afike washonela khona. 

Uveze ukuthi isigameko senzeka nje, udadewabo ubebatshele ngesonto eledlule ukuthi usehlukene noyise wengane. 

Emva kwesigameko umsolwa okuthiwa ubefike ngetekisi ayishayelayo endaweni, ubaleke ngayo, esephindela eLuganda, ngasePinetown, lapho ehlala khona nonina.