KUBANJWE umoya ngomhlangano kaMengameli Cyril Ramaphosa nomengameli waseMelika uMnuz Donald Trump ngesonto elizayo eMelika
Image: SihleMlambo/IOL
AKALINDELE ukuthi uzodelelwa noma aphoxwe ngumengameli waseMelika, uMnuz Donald Trump, uMengameli Cyril Ramaphosa uma esehlangene nalo mholi eMelika ngesonto elizayo.
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, ekhuluma esithangamini nabezindaba ePitoli, ngokuphume emhlanganweni wakamuva weKhabhinethi.
Uthe njengoba uRamaphosa ezohlangana noTrump ngoLwesithathu oluzayo uMeyi 21, bamenywe yiMelika.
"Simenywe nguTrump eMelika ukuthi siyohlangana naye, asizibambeli nje, Asilindele ukuthi ungafike umeme umuntu bese umphatha kabi. Ngakho silindele ukuthi lo mhlangano ube nokuhloniphana nokubekezelelana," usho kanje.
Uthe uRamaphosa uzokhetha ithimba azohamba nalo wathi ziningi izinto ezizobhungwa kulo mhlangano.
Usho lokhu emuva kokuba iqembu lamabhunu elinabangu-49, lifune ukuyobhaca eMelika likhala ngokuthi abalimi bayabulawa kuleli futhi bahleli lubhojozi ngenxa yokuthi elakuleli linomthetho wokudla umhlaba.
UNksz Ntshavheni uthe uma kubhekwa inqwaba yabahambile, akubona abalimi.
"Laba abayocela ukubhaca eMelika abangeni ngaphansi kwabantu abangababaleki kuleli. Abantu abazihambele ngokuthanda kwabo."
Ukuchithile ukuthi kukhona ukuhlukunyezwa okubhekiswe kubalimi abamhlophe kuleli.
"Akukho kubulawa kwabalimi abamhlophe okwenzekayo kuleli. IKhabhinethi iyakuchitha ukuthi abalimi badlelwa umhlaba wabo nokuthi bayabulawa."
Ubalule nokuthi emhlanganweni noTrump, bazokhuluma ngezohwebo nezinye izinto eziningi njengoba la mazwe enobudlelwano bokusebenzisana.
Ngokusho kwehhovisi likaRamaphosa uzohambela eMelika kusuka ngoMeyi 19 kuya kuMeyi 22. Uyoqinisa amaxhama okusebenzisana phakathi kwelakuleli nelaseMelika.
"IMelika ngelinye lamazwe anobudlelwano bokusebenzisana nelakuleli. Zibalelwa ku-600 izinkampani zaseMelika ezizinze kuleli. Lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi bugxilile ubudlelwano bezomnotho phakathi kwala mazwe," kusho ihhovisi likaRamaphosa.
URamaphosa wajuba owayeyiphini likaNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Mcebisi Jonas, ethimbeni eliphemba ubudlelwano neMelika. Lokhu kulandela ukukhonjwa indlela kobeyinxusa eMelika uMnuz Ebrahim Rasool ngoba akhuluma izinto ezingehlanga kahle ngoTrump, nohulumeni waseMelika.
Izinto zishubile phakathi kwelakuleli neMelika njengoba uTrump aveza ukuthi bangase bangezi kuleli ukuzokwamukela isikhundla sokwengamela umhlangano we-G20, ngenxa yezinto ezenziwa nguhulumeni wakuleli kubalimi abamhlophe.
IMelika iyona okumele ithathe izintambo zokuhola i-G20, ekupheleni konyaka, kanti umhlangano wokwenza lokhu kumele ube kuleli.
Related Topics: