Izindaba

ISassa ikhala ngabasabalalisa amampunge emphakathini

Mhlengi Shangase|Published

ISassa ikhala ngabakhuluma amampunge emphakathini.

Image: Sigciniwe

I-SOUTH African Social Security Agency (Sassa), izwakalise ukukhathazeka ngemibiko engamapunge esatshalaliswa nsuku zonke ngale nhlangano, ikhala ngokuthi abenza lokhu bazama ukudukisa umphakathi ngolwazi olungelona iqiniso.

Esitatimendini ithe akulona iqiniso ukuthi abantu bazokhokhelwa kabili ngenyanga ezayo.

"Akukho simemezelo esenziwe sokuthi ngenyanga ezayo uJuni, abantu bazozithola ziphindwe kabili izibonelelo zabo. Lawa ngamanga futhi akumele abantu bawakholwe," kusho okhulumela iSassa, uMnuz Paseka Letsatsi.

Uthe kwamenyezelwa ukuthi izibonelelo zizonyuka ngesikhathi kwethulwa isabelomali salo nyaka, okuyinto eyenzekile ngenyanga edlule.

"Izibonelelo zizophinde zinyuswe ngo-Okthoba, kulo nyaka. Akukho okunye ukunyuswa okuzoba khona."

Uthe akukho migomo emisha ebekiwe kwabahola izibonelelo.

"Akukho zinguquko ezikhona mayelana nokuholwa kwezibonelelo. Sike saba nohlelo lokubheka abanye abaholayo, ebesidinga ukuthi beze nomazisi babo emahhovisi ethu. Lolu hlelo lwenzeke kulabo abambalwa abahole kule nyanga."

Unxuse umphakathi ukuthi uthembele olwazini olukhishwa yiSassa kuphela, hhayi kwezinye izindawo.

"Sinxusa ukuthi abantu baqale bayibhekisise into abayizwa ishiwo, bangamane bakholwe yonke into ikakhulu ezinkundleni zokuxhumana. Ukushicilela ulwazi olungelona kwenza abantu babe netwetwe."