INkantolo yeSifunda e-Estcourt igwebe uThokozane Vodacom Nqubuka (35) udilikajele neminyaka ewu-55 ngoxhaxha lwamacala awenza phakathi kuka-15 kuya ku-16 Julayi 2022,e-Estcourt.
Image: SIGCINIWE
INkantolo yeSifunda e-Estcourt igwebe uThokozane Vodacom Nqubuka (35) udilikajele neminyaka ewu-55 ngoxhaxha lwamacala awenza phakathi kuka-15 kuya ku-16 Julayi 2022,e-Estcourt.
Ngo-15 Julayi 2022 ntambama,lo mlisa wagasela umuzi womuntu e-Estcourt ephethe isibhamu wabamba inkunzi owesifazane wamphuca iselula. Akagcinanga lapho kodwa wamdlwengula ephindelela ebusuku. Lo mlisa wasuka lapho wabaleka ezintatha wahlangana nabanye abagilwa ababili okwakungowesilisa nowesifazane bebuya emsebenzini.
Wababamba inkunzi wabephuca amaselula ebakhombe ngesibhamu.
Wayalela lo wesilisa ukuthi alale phansi, wase eqala enukubeza owesifazane ngokocansi. Umgilwa wesifazane walwa noNqubuka wakwazi ukumphuca isibhamu. Umgilwa wesifazane washaya ummangalelwa ngesibhamu kwase kulekelela nalo wesilisa owayelaliswe phansi. Ngesikhathi kuliwa kwaphuma isimfonyo ayezifihle ngaso ummangalewa bambona.
Kuthe kusaliwa kanjalo kwama imoto,umshayeli wayo wamemeza uNqubuka ngegama embuza ukuthi kwezenjani. UNqubuka waphoseka emotweni nomshayeli bashaya bachitha.
Abagilwa bakwazi ukuthatha izinombolo zemoto nokwenza kwaba lula ukuthi isheshe itholakale nomshayeli wayo. Umshayeli watshela amaphoyisa ngakwaziyo ngoNqubuka nokuthi wamtshela ukuthi abagilwa babemshaya,yingakho bashaye bachitha ngemoto. UNqubuka waboshwa.
UMshushisi uZamaswazi Portia Mawethusonke Ndlovu ubize ofakazi okungabagilwa namaphoyisa afika endaweni yesigameko. Umshayeli wemoto eyagibeza uNqubuka naye ubiziwe wazofakazela umbuso. Kwethulwe nobufakazi bolibofuzo obukhomba uNqubuka ecaleni lokudlwengula umgilwa wokuqala. Umshushisi ekhonga isigwebo esiqinile, ubize abagilwa bachaza ukuthi isigameko sibathinte kanjani.
Umgilwa wokuqala uthe bekuzoba ngcono ukuba uNqubuka wavele wambulala ngoba vele impilo yakhe yonakele kakhulu. Uthe ubenesifiso sokufunda athuthukise impilo yakhe kodwa emuva kwesigameko uphelelwe wukuzethemba akasafuni nokuhlangana nabantu. Umgilwa wesibili uthe walwa nommangalelwa bebanga isibhamu ngoba esaba ukuthi uzomdlwengula. Abagilwa bathe bazama ukumncenga uNqubuka ukuthi athathe akufunayo angabathinti bona kodwa wangabalalela.
UNqubuka ugwetshwe udilikajele ngecala lokudlwengula, iminyaka ewu-15 ngecala ngalinye kwamathathu okubamba inkunzi ngesihluku, iminyaka ewu-5 ngokunukubeza ngokocansi neminyaka ewu-5 ngokukhomba ngesibhamu. Inkantolo ithe ummangalelwa uzodonsa udilikajele futhi akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.
I-National Prosecuting Authority (NPA) ikwemukele ukulahlwa ngecala nokugwetshwa kwesigebengu esiyingozi esinikwe udilikajele neminyaka engu-55 ngokudlwengula nokuphanga. "Lesi sigwebo siwubufakazi bokuthi ngeke bubekezelelwe ubugebengu obunodlame obujivaza isithunzi nokuphepha kwabantu"