Izindaba

Likhihle isililo enkantolo isosha linqatshelwa ibheyili

Nkosikhona Cele|Published

UMUFI uNksz Zandile Mnomiya

Image: Sithunyelwe

iLIKHIHLE isililo isosha elibhekene necala lokudubula libulale owesifazane ngesikhathi linqatshelwa ibheyili yinkantolo yeMantshi yaseMlaza izolo emini.

UMboniseni Zilozi (49) usolwa ngokudubula abulale uNksz Zandile Mnomiya (44), esigamekweni esenzeka ngoMashi 15 kwa-Z , eMlaza.

Laba ababili kuvela ukuthi bahilizisana ngemuva kokuba kushayisane izimoto zabo. Kuvela ukuthi isosha lalishayela iMercedez, umufi eshayela iRenault.

Esitatimendeni esisenkantolo kuvela ukuthi isosha lathukuthela kakhulu laphusha umufi kabuhlungu.

Kwathi uma umufi esevuka phansi esefuna ukumphusha naye, uZilozi wavele wakhipha isibhamu wamdubula washonela khona lapho, maqede washaya wachitha wamshiya kanjalo endaweni yesigameko.

Waze wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngemuva kwesikhathi esingangenyanga kwenzeka isigameko.

Kuvela ukuthi amaphoyisa ambopha kalula ngoba ayesebenzisa i-number plate yakhe emthungatha.

Lifika izolo isosha belifaswe izinyawo zombili ngamaketanga, lifake into yokuzifihla ebusweni. Beliqashwe ngelokhozi ngamaphoyisa. Lize laphela icala libheke phansi.

Imantshi, uFit Gerald, isebenzise kakhulu ubufakazi obethulwa wumphenyi wecala, uNonkululeko Mthembu, owageqa amagula ngakho konke akuthola mayelana naleli cala. Kuvelile ukuthi uMthembu wakuveza ukuthi umelene nokudedelwa ngebheyili kwesosha ngoba lakhombisa ukuba nonya ngokudubula umuntu maqede limshiye edindilize phansi kanjalo langaba nanembeza.

Imantshi igcizelele nokuthi uMthembu wathi kungagovuzeka umphakathi kusuke nodungunyane olungeke lulawuleke, uma kungenzeka agcine ededelwa ngebheyili umsolwa.

Imantshi ithe uMthembu watshela inkantolo ukuthi umsolwa imoto yakhe yayihuzukile ohlangothini lwangakwesokudla, isalele nopende omhlophe wemoto kamufi.

''UMphenyi wecala waphinde watshela inkantolo ukuthi umsolwa waqamba amanga wathi uyile eBhekithemba eyovula icala ngoba kukhona abesilisa ahlangana nabo endleleni bamlimaza kwaze kwalimala nemoto yakhe. Umphenyi waveza ukuthi umsolwa wathi eBhekithemba waxhumana nephoyisa uMhlongo. Ngeshwa ngemuva kophenyo kwavela ukuthi alikho iphoyisa lakwaMhlongo eBhekithemba,'' kuchaza imantshi.

Ikhulume nangophaqa owasala endaweni yesigameko ofana ncamashi nowatholakala ngalapho kuhlala khona umsolwa. Imncomile kakhulu uMthembu ngokuthi wangena wazikhulumela yena wangenza incwadi efungelwe njengomsolwa.

Ngakolunye uhlangothi umsolwa encwadini efungelwe wathi uMbuso unecala elintekenteke.

''Umsolwa ngabe kungcono ukuba wazikhulumela futhi waveza nokuthi kungani ekholwa wukuthi icala loMbuso ulibona lintekenteke,'' kusho imantshi.

Ithe kuningi okubhekwayo okumqoka kakhulu njalo uma inkantolo kumele ikhiphe isinqumo ecaleni elifuze leli. Phakathi kwezinto athe inkantolo kumele izibheke kubalwa ukuthi ukudedelwa komsolwa ngeke yini kuze kuwugovuze umphakathi, ngeke yini kugcine sekudala ungabazane ngokusebenza kwezinkantolo zaseNingizimu Afrika futhi ngeke yini ingalo yomthetho yakuleli igcine seyibukeleka phansi, kuthiwe ihlulwa wumsebenzi.

Ngemuva kwale ncazelo icele umsolwa ukuba asukume.

''Ngenxa yazo zonke lezi zizathu ngeshwa elikhulu isicelo sakho sebheyili asizange siphumelele,'' isho kanje ibhekise kumsolwa.

Ngemuva kwalawa magama emantshi umsolwa uvele wakhihla isililo waphelelwa ngamandla, wamane wahlala phansi samuntu ophelelwe yithemba. Kuqhume isililo enkantolo amalungu omndeni akubo kwesosha engakukholwa akuzwayo, ukuthi ilungu lawo lizoqhubeka nokugqunywa esitokisini ngemuva kokubhuntsha kwemizayo yokulikhulula.

Kuhlukwane kanjalo enkantolo ngesivumelwano sokuthi izophinde ibonane ngoJuni 6.

Amalungu omndeni kamufi azwakalise ukujabula okukhulu athi kubuye ithemba kuwona ngokusebenza kwezinkantolo zaseNingizimu Afrika. Abhoke ngolaka amalungu omndeni kamsolwa ngesikhathi Isolezwe lizama ukukhuluma nawo.

''Asifuni ukukhuluma nawe, hamba la. Hheyi wedadewethu ungavumi ukuphendula imibuzo yalo, '' kusho isihlobo sakubo kamsolwa sitshela omunye wabo obeseza ngemuva.