Izindaba

Injabulo amawele ethweswa iziqu kanyekanye

Zimbili Vilakazi|Published

AMAWELE u-Amanda no-Ayanda Ndawonde bathweswe iziqu zeBachelor of Social Sciences Honours e-University of KwaZulu-Natal (UKZN)

Image: UKZN

BEBAZI ukuthi bazozethweswa kanyekanye iziqu zabo zeBachelor of Social Sciences Honours abangamawele akwa-B, eMlaza.

U-Amanda no-Ayanda Ndawonde (23) bathweswe iziqu zabo ngoLwesibili e-University of KwaZulu-Natal (UKZN). 

Ekhuluma neSolezwe izolo u-Ayanda, uthe okwenza babe nesiqiniseko sokuthi bazogqoka kanyekanye wukuthi bebefunda ndawonye, futhi befunda into eyodwa.

“Bekuthi uma sitadisha, sikwenze ndawonye, ngokubambisana, ngakho into ebifundwa yiwele lami, bekuba yinto engiyifundayo nami,” kusho u-Ayanda. 

Uthe lokhu bekuvela ngisho nasemamakini ebebewathola ngoba abengashiyani kakhulu.

“Bekuthi uma omunye ethole u-70%, omunye athole u-75%,” kusho u-Ayanda.

AMAWELE u-Amanda no-Ayanda Ndawonde bethweswa iziqu

Image: UKZN

Uthe lezi yiziqu zabo zesibili njengoba ngo-2023, bathweswa ezokuqala zeBachelor of Social Sciences. 

Uthe isifiso sabo ukuthi babhukulele ukwethweswa iMasters ezifundweni ezifanayo khona bezoba nezindawo zabo ezizimele zokunikeza abantu usizo lokwelulekwa ngokomqondo. 

Udalule ukuthi kusukela ebuncaneni babo, bebethanda izinto ezifanayo futhi bengamathe nolimi.

“Kangangokuthi yebo sinabo abantu esithi sibajwayele, kodwa akekho esingathi uwumngani. Singabangani sobabili,” kusho u-Ayanda, othe abeve bejabule ngokwethweswa kwabo iziqu, wathi kujabule ngisho nomndeni.

E-UKZN kuqhubeka imicimbi yokwethweswa kweziqu okuba minyaka yonke.

Le micimbi, okubokala kuyo izitshudeni zihlobe ngezindlela ezehlukene, iqale ngoLwesibili kanti kulindelele ukuthi iqhubeke kuze kube uMeyi 16. 

Laba bayingxenye yezitshudeni ezingu-4 254 ezithole iziqu zazo ngaphansi komkhakha weHumanities ngoLwesibili.

Lesi sikhungo sizogcina sethwese iziqu ezitshudenini ezingu-8 116 kule micimbi eqhubekayo njengamanje eSports Centre ekhempasini yaseWestville.