Izindaba

Linyukile izinga labangatohozi kuleli

Mhlengi Shangase|Published

IStatistician-General uMnuz Risenga Maluleke

Image: GCIS

LIKHUPHUKILE izinga lokungasebenzi kuleli lisuka ku-31.9% laya ku-32.9% ekoteni yokugcina yonyaka odlule.

Lokhu kuvezwe yiStats SA General, uMnuz Risenga Maluleke, embikweni ewukhiphe izolo.

UMaluleke uthe abantu abangu-291 000 abangenawo umsebenzi ekoteni yokuqala yonyaka.

"Intsha engasebenzi yiyona nkinga enkulu esabhekene nezwe. Yinto ekudingeka isukunyelwe ngokushesha."

Umbiko kaMalulele uveze ukuthi ikota nekota liyehla izinga labasebenzayo njengoba bengu-16.8 million, besuka ku-17.1 million ekoteni yokugcina ngo-2024.

Uveze ukuthi izinga lemisebenzi linyuke emkhakheni okubalwa ezokuthutha, ezomnotho neminye.

"Linyukile nezinga labantu asebelahle ithemba lokuthi bayoke bawuthole umsebenzi ngo-7 000. Abantu abangenzi lutho bona linyukile izinga labo laya kwabangu-177 000."

Imikhakha okwehle kuyo abaqashiwe kubalwa owezohwebo, owezokwakha nowezimayini.

Izibalo zikhomba ukuthi linyukile izinga labasebenzayo eWestern cape ngabangu-49 000, Gauteng (9 000) naseFree State (4 000).

Izinga lehle KwaZulu-Natal ngabantu-104 000,  Eastern Cape (83 000), North West (57 000), Limpopo (55 000), Mpumalanga (43 000) naseNorthern Cape (12 000).

Izinga lentsha engasebenzi lifinyelele ku-4.8 million. Kuhlale kukhalwa ngenkinga yokungasebenzi kuleli.

Uhulumeni uhlale enxuswa ukuthi akhe amathuba emisebenzi, ikakhulu entsheni njengoba kuyiyo engatohozi.

Uhulumeni uzithethelela ngokuthi kudingeka ukhulise umnotho ukuze ukwazi ukuqasha abantu abangatohozi.