OBONAKALA evula umpompi, uMnuz David Mahlobo oyiPhini likaNgqongqoshe wezaManzi nokuHanjiswa kweNdle neMeya yaseMkhanyakude uMnuz Siphile Mdaka
Image: SITHUNYELWE
IPHINI likaNgqongqoshe eMnyangweni wezaManzi, uMnuz David Mahlobo, selikhale ngabashayeli bamaloli ahambisa amanzi, abafuna ukugwazelwa abesifazane ngocansi ukuze babahambisele amanzi.
Ukusho lokhu ehambele eMachibi, eJozini neMeya yaseMkhanyakude uMnuz Siphile Mdaka, ukuzodingida udaba lwamanzi.
Uthe laba bashayeli abagcini ngalokho kodwa baqonywa khona emphakathini baphinde bakhokhise umphakathi ukuze bawunike amanzi noma amaloli ahlale kweminye imindeni amanzi atholwe yiyo kuphela.
"Kula maloli kugcwele izigebengu okumele silwe nenkohlakalo eziyenzayo. La eMkhanyakude ngiyabonga ukuthi amakhosi asheshe ayivimba eyabantu abakhokhisa osonkontileka uma benza umsebenzi. Ngiyanxusa meya ukuthi ibhekwe indaba yamaloli futhi silwe nenkohlakalo egcwele khona,” kusho uMahlobo.
UMahlobo uthe okwenzeke eMkhanyakude kokubambisana kwamaqembu ezepolitiki yikhona okwenze ukuthi umsebenzi uqhubeke uye phambili.
"Kuke kwaba kubi eMkhanyakude kodwa eminyakeni emibili emithathu edlule kulo masipala kube nozinzo njengoba amaqembu ezepolitiki ebambene abheka inkinga yamanzi emphakathini. Bekunzima ukusebenza kulo masipala kodwa manje siya phambili ngoba ezamaqembu enu niyozibona ngokhetho. Amanzi aphuma nje yingoba amaqembu abambisene kulo mkhandlu," kusho uMahlobo.
Ubize idamu laseJozini njengesiqalekiso eveza ukuthi ngesikhathi lakhiwa kwafa abantu, kwasuswa abanye kule ndawo.
"Lalisungulelwa ondlebe zikhanyilanga ikakhulu abesilisa. Kodwa ngohulumeni kaMnuz Cyril Ramaphosa kwaba khona izingxoxo nezixazululo njengoba manje seliphakela wonke umphakathi. Imeya ifikile ePitoli izositshela ngezinkinga zamanzi, saqala uhlelo olwaluthinta amakhosi nemeya," kuchaza yena.
UMahlobo ubonge ukuthi kukhona lapho amanzi asephuma khona, wathi kodwa bazofaka izindondla zemali ezingeke zidliwe wotsotsi.Uthe bazosebenzisana nenkampani ehlinzeka ngamanzi ukulungisa indaba yamanzi.
UMdaka uveze ukuthi uzimisele ukuqeda inkinga yamanzi abalokhu beyilungisa ezigodini ezehlukene.
"Isifiso sethu wukuthi abantu bayeke ukusebenzisa amanzi abawasebenzisa nezilwane. La eMachibini besikhona sizokwethula isabelo esididiyelwe nalapho kwaba khona izikhalo ezehlukene. Lana emphakathini baveza ukuthi intsha ayisebenzi, bakhala ngenkinga yamanzi, nemigwaqo bathi bafuna nohlelo lwezolimo," kuchaza uMdaka.
Uthe ipayipi, okwaba nokukhuluma okukhulu ngalo lithengiwe langasebenza iminyaka, yilona leli abaqale ukulifaka eminyakeni emibili edlule.
"Seliqalile ukuthi likhiphele umphakathi waseMachibini amanzi."
Uthe nakwamanye amawadi uyaqhubeka umsebenzi njengoba bekhona osonkomtileka futhi bazoqhubeka nokuthi bawakhiphe ekujuleni amanzi abangakwazi ukuwathola edamini laseJozini.
Related Topics: