Izindaba

I-DA ifuna kuqokwe ngokushesha owomakadebona

sabelo mbatha|Published

UMnuz Maliyakhe Shelembe nesicelo esikhethekile kuhulumeni

Image: SIGCINIWE

I-DA ithi ukungaqokwa kukaMqodisi Jikelele woMnyango wezokuVikela nomakadebona bezempi sekudale ukungabikho kozinzo nokubambezeleka kwemihlomulo yomakadebona.

IPhini lomkhulumeli weqembu kwezokuphepha uMnuz uMnuz Maliyakhe Shelembe, esitatimendeni lithe isikhala sikaMqondisi Jikelele sakhangiswa ngonyaka odlule kwathi ukufakwa kwezicelo zomsebenzi kwavalwa ngoNovemba kuwo lowo nyaka.

Lokhu kulandela ukusula kukaNksz Irene Mpolweni emva kokumiswa ngoMashi 2024. Kumanje kubambe uNksz Nontobeko Mafu.

Leli qembu lithe uNgqongqoshe wezokuVikela uNkk Angie Motshekga, kufanele aqoke ozongena kulesi sikhundla ngokugcwele ngokushesha.

"Ukungavalwa kwalesi sikhala sekudale ukuthi lungabikho uzinzo nokubambezeleka kokuba omakadebona bathole imihlomulo yabo. Ukwehluleka kukaNgqongqoshe ukuqoka ngokugcwele uMqondisi Jikelele, kulimaza uhlelo lokukhishwa kwemihlomulo yomakadebona bezempi abafanelwe nemindeni yabo abalokhu balinda kusukela ngo-2011," kusho uShelembe.

Uthe lokhu kuvelile ngesikhathi izinyunyana nabasebenzi boMnyango befuna ukukhuluma ngodli nekomiti lePhalamende elibhekele ezokuphepha.

Uqhube wathi i-DA ikubona kungamukelekile ukubambezeleka kokuqokwa kukaMqondisi Jikelele kwazise uneqhaza elibalulekile alibambile ekukhishweni kwemihlomulo yomakadebona bezempi.

"Kuphula inhliziyo ukuthi zonke izinsuku sithola izikhalazo komakadebona bezempi okuhlanganisa ukuthi abangasebenzi namanje, abakakwazi ukuya ezibhedlela ngoba uMnyango awubaniki uxhaso lwemali."

UShelembe uthe lokhu kunyathela ilungelo lomakadebona elikuMthethosisekelo wezwe.

Uthe sebembhalele uNkk Motshekga ukuba asheshise ukuqokwa kukaMqondisi Jikelele ukuze kuzobuya uzinzo kulo Mnyango nokuqinisekisa ukuhlinzekwa kwezidingo komakadebona.