Izindaba

Kuxwayiswa abakuleli ngemisebenzi mbumbulu kwamanye amazwe

Mhlengi Shangase|Published

UNGQONGQOSHE wezobuDlelwano namaZwe oMhlaba uMnuz Ronald Lamola

Image: Leon Lestrade/Independent Newspapers

UMNYANGO wezobuDlelwano namazwe omhlaba usuxwayise abantu bakuleli ukuthi baqaphele ababathembisa imisebenzi kwamanye amazwe ekubeni besuke bezobenza isilo sengubo babashushumbise.

Lesi sexwayiso sikhishwe nguNgqongqoshe walo mnyango uMnuz Ronald Lamola, ngesikhathi echazela ilungu le-IFP ePhalamende, uMnuz Mangaqa Mncwango, ngabakwenzayo ukuxwayisa abantu abagcina sebeshushumbisekwa kwamanye amazwe, abahamba kuleli ngethemba lokuthi batholelwe umsebenzi kula mazwe.

UMncwango ubuze ukuthi bangaki abantu bakuleli asebesizwe yilo mnyango eminyakeni edlule abebezitshela ukuthi bazothola umsebenzi kwamanye amazwe kanti kusuke kungenjalo.

ULamola uthe babalelwa ku-23 abantu bakuleli asebesiziwe babuyiselwa kuleli yilo mnyango abebeshushumbiselwa eThailand naseMyanmar.

"Sakha nomkhankaso esizowufaka ezinkundleni zokuxhumana ukuxwayisa abantu bakuleli ukuthi baqaphele abantu abazobathembisa imisebenzi kwamanye amazwe. Bayanda labo abathembisa le misebenzi kwamanye amazwe, abalutha ngayo abantu bakuleli abasuke benganakile." 

Uthe bakhipha nezexwayiso kwabezindaba ngengozi yale misebenzi mbumbulu yakwamanye amazwe.

"SImatasa siqeqesha abasebenza ezindlini zamanxusa mayelana nokushushumbiswa kwabantu. Lokhu kuqeqesha sikwenza nokuhlanganyela nomnyango wezobuLungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo, kanjalo nophiko lwezokuShushisa kuleli i-National Prosecuting Authority," kusho uLamola.

ULamola uthe eminye yale misebenzi mbumbulu isuke isolisa ngakho abantu abaqaphele.

"Abantu basuke benganakile ngoba basuke befuna imisebenzi. Kodwa sithi abaqaphele."