UKhulani Cele, obekulindeleke ukuba igonyuluke ngokuthinteka kwayo kwelokusocongwa kukaConstable Zwelakhe Ntombela owayeyiphoyisa loMkhandlu weTheku, igcine ingazange ikhiphe ingonyuluka izolo, eNkantolo eNkulu eThekwini
Image: SIGCINIWE
INKABI eyesatshwayo etholoza ezikhindini, uKhulani Cele, obekulindeleke ukuba igonyuluke ngokuthinteka kwayo kwelokusocongwa kukaConstable Zwelakhe Ntombela owayeyiphoyisa loMkhandlu weTheku, igcine ingazange ikhiphe ingonyuluka izolo, eNkantolo eNkulu eThekwini.
UCele uvele kule nkantolo obekubhekwe ngabomvu ukuthi agonyuluke ngakho konke okwenzeka ngesikhathi kubulawa umufi.
UCele washiya abantu bemangele emasontweni edlule, ngesikhathi evuma icala isigubhukane.
Kwabe sekuvunyelwana ngokuthi kunqunywe usuku azofika ngalo, kungabi ukuthi uyalivuma nje kuphela kodwa anikezele ngemininingwane egcwele ngakho konke okwenzeka.
Ushaye ingwiji uCele okuvele ukuthi wenqabile ukwenza isitatimende sengonyuluka kodwa wathi kwenele uma ethi uyalivuma icala.
Lokhu kuholele ekutheni inkantolo ithathe isinqumo sokuthi limane liqulwe icala lakhe uCele lihlanganiswe nelikathishanhloko waKwaMaphumulo, uMnuz Sithembiso Khumalo, naye obekade evelile.
UKhumalo yena uvele ungaphandle ngebheyili ayithola ngesikhathi leli cala lisaseNkantolo yeMantshi yaseMlaza. Icala selizoze libuyele enkantolo ngoNovemba, selizoqulwa. Iwele likamufi, uMnuz Nkosinathi Ntombela, lithe kubanengile okwenziwe uCele okokuthi ashaye phansi ngonyawo uma kuthiwa akenze isitatimende.
''Kunesizathu esidala ukuthi anqabe ukwenza isitatimende, kusho ukuthi kunabantu ahlose ukubavikela ngokwenza kanjalo kwakhe,'' usho kanje uNtombela.
Kuzokhumbuleka ukuthi uFaith Ntombela ongunkosikazi kamufi, ngaphambilini egonyuluka, wakhomba uCele ngenjumbane wathi uyena owamyengela ekutheni kuze kukhandwe itulo lokuthi kubulawe umufi. Waveza ukuthi konke kwaqala ngesikhathi ehlangana noCele kwiFacebook nowasenga ezimithiyo ezibiza ngoSiboniso Duma.
UNkk Ntombela wathi wamthembisa izulu nomhlaba, naye waze wagcina eseyengeka, kwathi uma esethola ukuthi akuyena uDuma lo kodwa umgulukudu omdala osejele, kwase kungaselula ukuba angaphunyuka.
Umufi kuzokhumbuleka ukuthi wadutshulwa esemzini wakhe okwa-S, eMlaza, esigamekweni esenzeka ngoMeyi 2023. Inkabi eyadubula ivele ingaphakathi idonsa isigwebo sayo ngecala elifanayo.