UMENGAMELI Cyril Ramaphosa nomengameli u-Alassane Ouattara waseRepublic of Côte d’Ivoire, besemhlanganweni i-#ACF2025 e-Abidjan izolo
Image: Presidency
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthe iqeqebana labakuleli elifudukele eMelika alihambanga ngoba lihlukunyezwa kodwa lizihambele ngokuthanda kwalo. Uthe abaxoshwanga kuleli kodwa bazinqumele bona ukuthi bafudukele eMelika.
URamaphosa obekhuluma izolo, emhlanganweni i-African CEO Forum 2025 e-Abidjan, eCote d’Ivoire, uthe abamhlophe abangu-49 abafuna ukuzinza eMelika, bahambe ngoba bengahambisani nezinguquko ezenzeka kuleli.
"Abahambile akubona ababaleki kuleli kodwa bangabantu abahambe ngoba bengazifuni izinguquko. Ababaleki abantu abasuke bebalekela ukuthi bayahlukunyezwa ngokwezepolitiki, ezenkolo noma ezithinta umnotho. Laba abekho kule mikhakha."
Uthe kabaphethwe kabi kuleli kodwa kabafuni ukuhambisana noMthethosisekelo wezwe.
"Ngikhulumile nomengameli waseMelika, uMnuz Donald Trump, engibuza ukuthi kwenzekani. Ngimchazelile ukuthi akuhlukunyezwa muntu kuleli, abahambile bahambe ngokuthanda kwabo."
Uthe umtshelile uTrump ukuthi bafundiswa kuleli ngowayengumengameli wezwe, uMnuz Nelson Mandela, nabanye abaholi ukuthi kuphiliswane nezinye izinhlanga.
"Siyizwe eligqugquzela ubumbano. Yingakho ngimtshelile uTrump ukuthi ngingathanda ukuya kuyena ngiyomchazela kabanzi ngalolu daba," kusho uRamaphosa.
Uthe ukholwa wukuthi iMelika ithole ulwazi olungelona ngezinto ezenzeka kuleli.
Uveze ukuthi uma eseya eMelika uyohamba nethimba lakuleli.
Ephawula ngomengameli uMnuz Paul Kagame waseRwanda, okwake kwaba nemvunge mayelana nokujutshwa kwamasosha akuleli eDRC njengoba iRwanda yayeseka amavukelambuso iM23, okwagcina kusale enkundleni amasosha angu-13 akuleli ekuqaleni konyaka, uthe bayazwana akukho ukubhekana ngeziqu zamehlo.
URamaphosa uphelezelwa ngoNgqongqoshe abehlukene okubalwa owezokuMbiwa phansi, uMnuz Gwede Mantashe nowezikaGesi, uDkt Kgosientsho Ramokgopa.
Related Topics: