UMASIPALA weTheku usuqhamuke nesu eliwumthobanhliziyo kubahlali baseThekwini, namaphethelo abangakwazanga ukuthola amathikithi okubuka umdlalo obhekwe ngamehlo abomvu wamanqamu eNedbank Cup.
Kulo mdlalo kuzotholana phezulu izinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngo-3:30 ntambama kusasa.
Abantu abaningi basale bencela izithupha futhi bedinwe beveva ezweni lonke ikakhulu abasesifundazweni KwaZulu-Natal, kulandela ukuhambela ubala ezitolo ezidayisa amathikithi ngoMsombuluko ekuseni, abanye baphantsha kwaze kwajama omakhalekhukhwini, bethi bazama ukuthenga amathikithi alo mdlalo - okugcine kuvele kuthi amathikithi abekanyelwe wona angaphezu kwa-40 000 adayise aphela ngehora nohhafu.
Ukuzama ukududuza abantu abangawatholanga amathikithi alo mdlalo, uMasipala weTheku umemezele ukuthi uzobeka ama-fan park okubuka umdlalo mahhala kobhazabhaza bamathelevishini enkabeni yedolobha ukwenza kube mnandi kubalandeli bebhola lezinyawo.
La ma-fan park amabili aklanywe wuMasipala azoba sepaki i-Albert, naseDurban Beachfront, ebhishi khona eThekwini okulindeleke ukuthi avulwe ngo-12 emini ukuqala amukele abantu abazofuna ukubuka ibhola ukusiza ukuthi kushaye isikhathi sokuqala komdlalo sekuhlelekile.
UDkt Vusi Mazibuko wakumasipala weTheku, uqinisekise ukuthi ezokuphepha zizobe zibekwe eqhulwini kule mibuthwano ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu abazobe bezobuka umdlalo kuyona, bayaphepha kuze kuphele umdlalo.
Uthe banethemba lokuthi lolu hlelo luzojabulisa abalandeli bebhola lezinyawo, wanxusa ukuthi bafike ngobuningi babo nemindeni yabo ukuzojabulela lomdlalo omkhulu nokubhekwe ukuthi kusiphuke izididndi kuwona sekubangwa umklomelo kaR7 million.
Related Topics: