IPhini likaMengameli Paul Mashatile
Image: SIGCINIWE
USHUMAYELE ivangeli lokuthi babuyele ezikhungweni zempilo bayolanda imishanguzo yokuthithibalisa i-HIV abadikile ama-ARV ngoba azobasiza.
Leli khwelo lenziwe yiPhini likamengameli lezwe uMnuz Paul Mashatile, ephendula imibuzo izolo ePhalamende.
UMashatile uthe basemkhankasweni wokuthola abantu abangu-1.1 million, abahaqwe yi-HIV kodwa abangayidli imishanguzo.
Uveze ukuthi iningi lalaba abesilisa.
"Sifuna ikakhulu labo abadikile imishanguzo ukuze babuyele bayidle. Sihlela ukuthi sibathole laba abangu-1.1 million, abangayidli."
Usho lokhu nje KwaZulu-Natal bangaphezu kuka-100 000 abacingwa ngumnyango wezeMpilo, abadikile ama-ARV.
Umnyango wezeMpilo kuzwelonke unomkhankaso wokuhambela izindawo ezehlukene, ezigcwala abesilisa ababafunayo abalaxaze ama-ARV.
UMashatile uthe banohlelo lokuthi abadla imishanguzo bayilande ezinyangeni eziyisithupha ukuze bangayi njalo emitholampilo.
"Siyazi ikakhulu ezindaweni ezisemakhaya, kuhanjwa amabanga amade uma umuntu eya emtholampilo. Yingakho sifuna ukubasondezela ngokuthi okungenani bangayi njalo, ukuyolanda imishanguzo yabo."
UMashatile ubuye wakhuluma nangohlelo lwezempilo, obeluxhaswe yizwe laseMelika lokulwa negciwane iHIV.
Uthe phezu kokuhoxiswa kwalolu xhaso kodwa bayaqhuba ngokuthi abantu basayithola imishanguzo yabo.
Uveze ukuthi lolu hlelo beluxhase u-17% kuphela hhayi ukuthi izwe belithembele kulona.
"Lolu hlelo belufaka cishe uR8 billion. Sikhuluma nomnyango kaMgcinimafa mayelana nokuthi afake isandla emuva kokuhoxa kweMelika ekuxhaseni uhlelo olwaziwa nge-Pepfar."
Uthe noma engakatholakali ozofaka isandla ekuxhaseni ingxenye ebifakwa wuhulumeni waseMelika, kodwa sebeye iSouth African National AIDS Council, iye kwiNational Lotteries Commission, iyofuna ifake isandla.
Uveze ukuthi unethemba ukuthi lezi zinhlelo zizothela izithelo.
"NoNgqongqoshe wezeSayensi usesungule ithimba elizomluleka ngezinto ezithinta ucwaning nezinye. Asihleli nje emuva kokuhoxiswa koxhaso kodwa kuningi esikwenzayo."
Uveze nokuthi mhlawumbe ukuhoxa kweMelika kuzovula amehlo elakuleli ukuthi lizimele lingathembeli kwamanye amazwe ngezinto ezithinta uxhaso nemali.
Uphinde waveza ukuthi uhulumeni ukhathazekile ngesihlava sokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane.
Uthe uyahambisana nokuthi kuhlolwe kabanzi abantu abasebenza nezingane ukuthi abakaze balahlwe amacala okuzihlukumeza.
"Ngiyahambisana nokuthi kubhekwe ohlwini lwabantu asebeke balahlwa amacala emabhukwini agcinwa ngumnyango wezobuLungiswa. Lokho kuzokwenza ukuthi kungaqashwa abantu asebeke bahlukumeza izingane," usho kanje.
Related Topics: