Uvelile ummangalelwa kwelokwebiwa kosana
Image: SIGCINIWE
KULINDELEKE asifake ngoLwesibili oluzayo isicelo sebheyili, owesifazane osolwa ngokuthumba usana olunamasonto amabili luzelwe, ngenhloso 'yokuyobamba' ngalo isoka ebelingasamfuni.
UNksz Nontando Bhodoza (21) uvele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, kulandela ukuboshwa kwakhe ekubo kwesoka, e-Ext 3 khona eChesterville.
Usana, u-Owami Sindane, umsolwa ubemebe ngeSonto, emjondolo kanina, uNksz Bongiwe Sindane (21) eNsimbini eCato Manor.
Evela enkantolo, ubebukeka edangele, wacela ukuhlinzekwa ngommeli kahulumeni.
UMshushisi woMbuso, uMnuz Ntshayintshayi (igama elingatholakalanga) ukubeke kwacaca ukuthi bazosiphikisa isicelo sebheyili uma umsolwa esesifaka ngesonto elizayo.
“Phakathi kwezinye izizathu esizosiphikisa ngazo wukuthi umsolwa angalibalekela icala uma ededelwa ngebheyi. Okwesibili, umphakathi ukhathazekile kulandela isigameko,” kusho uNtshayintshayi.
IMantshi uNkk Vahed (igama elingatholakalanga) ube eselihlehlisela uLwesibili icala ukuze umsolwa afake isicelo sebheyili, nokuthi kuqhutshekwe nophenyo.
Isolezwe lithole ukuthi umsolwa nonina wosana bahlangana okokuqala emtholampilo waseCato Manor ngo-Ephreli 24.
Kuthiwa unina wosana wayelulethele umgomo wezinsuku eziyisithupha luzelwe, umsolwa akucaci ukuthi wayeyokwenzani.
Kwavela ukuthi bagcina behambisana sekugodukwa, kanti umsolwa usezolokhu emvakashela nsuku zonke unina wosana emjondolo wakhe.
Kuthiwa wafika ngoMgqibelo, njengenjwayelo, kodwa wagcina ecela ukulaliswa, ethi useyasaba ukugoduka njengoba kwase kunombikisho womphakathi uvale omunye wemigwaqo.
Kwavela ukuthi ngeSonto, bavuka bazihlalela njengoba base bejwayelene, baze baphelezelana beyokhipha imali egaraji lendawo.
Kuthiwa emva kwesikhashana bebuyile egaraji, unina wosana waphuma wayoneka izingubo kulayini wokuneka kwamakhelwane, wabuya umsolwa nosana bengasabonwa.
Kwacingwa yonke indawo, lutho ukutholakala, kwaze kwabikwa emaphoyiseni, kwafakwa nasezinkundleni zokuxhumana ukuthi kukhona owesifazane owebe usana.
Ngesikhathi esebanjwa ngoMsombuluko, kwavela ukuthi uthathe usana waya nalo ngqo kubo kwesoka (20), wafike wabatshela ukuthi usebelethile.
Kuthiwa unina wesoka waxoxela umakhelwane wakhe ukuthi indodana yakhe isinengane, intombi ibelethile.
Zamshiya nemibuzo lezi zindaba umakhelwane njengoba athi babebona ukuthi umsolwa akakhulelwe yize ayelokhu aqala ngonyaka odlule ukubelesela ngokuthi ukhulelwe.
NgoMsombuluko ekuseni umakhelwane wazithela phezu kwesaziso ezinkundleni zokuxhumana, kufunwa usana olwebiwe eNsimbini. Wabe esenza indlela yokuthi unina wesoka alulethe kuye, wathwebula isithombe masinyane wasithumela kwabenkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA), eyayifake isaziso.
Zamkhalela kanjalo isithombe sesithunyelwa kunina wosana, waqinisekisa ukuthi yingane yakhe.
Related Topics: