ISIKHULU esiphezulu se-AfriForum uKallie Kriel
Image: Jacques Naude/Independent Media
SIJABULILE isikhulu esiphezulu se-AfriForum uMnuz Kallie Kriel, ngokunqatshelwa komholi we-EFF uMnuz Julius Malema, ukuhambela eLondon izolo.
UKriel uye enkundleni i-X, wathi kuseyisiqalo lesi kuMalema njengoba bezowuqinisa umkhankaso wabo.
"Sizoqinisa umkhankaso nakwamanye amazwe ukuthi amvale uMalema, ngezinto azishoyo, zokugqugquzela udlame. Izinto azishoyo ngokucula izingoma ezinezinhlamvu zokuthi akubulawe amaBhunu, yizona esizoqinisekisa ukuthi akayi kwamanye amazwe. NoMengameli Cyril Ramaphosa akamkhuzi, amgxeke ngokucula amaculo afuze lawa."
UMalema ubegane unwabu esola iziphathimandla zaseBritain, ngokuthi zimnqabele ukumnika iVisa.
"Iziphathimandla zaseBritain zinginqabele i-visa yokuya eLondon engqungqutheleni yaseCambridge kule mpelasonto. Azinginikanga isizathu esizwakalayo. Kuyangicacela ukuthi lokhu kungumzamo wokuvala umlomo umbono wezepolitiki ongahambisani nawo."
UMalema uthi yena nethimba lakhe bebesikhumulweni sezindiza i-OR, njengoba bathenjiswa ukuthi konke kuzolungiswa.
"Kunalokho, sithola incwadi yesixoliso njengoba bese kusele amahora ambalwa ukuthi sihambe. Lokhu akwamukelekile futhi akunangqondo."