UMUFI uWandile Ngcobo
Image: Sithunyelwe
UKHALE ngokuxinwa wukugula ummangalelwa wokuqala ecaleni lokubulawa komfundi waseDurban Girls, obekumele athulele inkantolo ubufakazi bakhe izolo eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
USifundo Bhengu (39) bekulindeleke ukuthi ethule ubufakazi kuleli cala. Yena nomngani wakhe ongummangalelwa wesibili uBongani Jali (24), babekwe wuMbuso icala lokubulala umfundi waseDurban Girls, uWandile Ngcobo (17).
Basolwa ngokuthi yibona abagasela kubo kamufi kwa-D, eMlaza, bafike bamdlwengula ngaphambi kokumbulala. Kuthiwa abagcinanga lapho njengoba besolwa nangokweba izimpahla ezahlukene ezazikhona endlini okubandakanya umakhalekhukhwini kamufi, ithelevishini nokunye okuningi. Isigameko senzeka ngoMeyi ngonyaka odlule.
Isidumbu sikamufi kuthiwa satholakala siboshwe izandla nge-pentihose, elinye i-pentihose lishuthekwe emlonyeni, sinamanxeba okugwazwa amahlanu.
Izolo uBhengu akabange esabethula ubufakazi njengoba engene enkantolo enyathela kancane, kubonakala ukuthi kukhona okumxinile.
Ummeli kaBhengu unxuse inkantolo ukuba lingaqhubeki icala ngoba akazizwa kahle uBhengu, uxinwe wukugula.
Uthe uzizwa ephelelwa ngamandla kanti futhi uhlushwa nayisisu.
Kube sekuvunyelwana ngokuthi makaphuthunyiswe kudokotela osesibhedlela esisejele eWestville, ngaphambi kokuba kuphume isinqumo sokuba lihlehle icala. Nebala liguqile isikhashana icala ngesivumelwano sokuthi uBhengu aqale ahlolwe udokotela ukuthi ngabe akaphilanga ngempela yini, noma usenga ezimithiyo.
Ngaleso sikhathi uBhengu ubehluleka nawukuma, eqhaqhazela ebambelele nasedolweni futhi ehlahle namehlo samuntu othukile.
UMbuso ufunde incwadi kadokotela obexilonga uBhengu, okuqinisekisile ukuthi ngempela uyagula futhi ngeke aze abe sesimeni esikahle sokuthi angakwazi ukuqhubeka necala.
IJaji lithe liyawamukela umbiko kadokotela lase lithi liyahlehla icala lizoze libuye namhlanje enkantolo efanayo.
Kwenzeka konke lokhu nje kuzokhumbuleka ukuthi ummangalelwa wesibili uJali, usanda kuchakida uBhengu, egeqa amagula ngokwenzeka ekhomba ngenjumbane uBhengu ethi uyena owabulala umufi.
Ngaphakathi enkantolo njengokwenjwayelo, bekukhona amalungu omphakathi aseMlaza, amalungu ebandla okwakukhonza kulona umufi, i-United Congregational Church of Southern Africa (UCCSA), kanye malungu e--ANC, nawe-EFF.