IKZN nenkinga enkulu yamacala okudlwengula.
Image: Sigciniwe
IYAQENGQELEZA iKwaZulu Natal ngamacala okudlwengula.
Lokhu kuvele esitatimendini esikhishwe amaphoyisa ngezibalo zababoshiwe, beboshelwa amacala okudlwengula.
Amaphoyisa aveze ukuthi abophe abangu-200 ngamacala okudlwengula muva nje. Kulesi sibalo kuboshwe abangu-79 bakulesi sifundazwe.
Kulesi sitatimende kuvele ukuthi kuboshwe abangu-14 255 kusuka ngo-Ephreli 28 kuya kuMeyi 4, ngaphansij komkhankaso obuvutha uphondo kuzwelonke.
"Sizimisele futhi sizibophezele ekutheni senze konke okusemandleni ukunqanda isihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane ezweni lonke. Lokhu sikwenza ngokuthi senze uphenyo olunzulu ngezigameko ezehlukene siphinde silandelele."
Amaphoyisa athe afisa ukubona bonke ababoshelwe amacala abucayi alolu hlobo begcina bethola izigwebo ezinzima.
Kuvele nokuthi kunowesilisa, uBethuel Morake, otholwe yinkantolo yesiFunda yaseModimolle enecala lokudlwengula wabe esegwetshwa iminyaka engu-15. Wadlwengula owesifazane oneminyaka engu-21 owabe eyintombi yakhe.
Inkantolo yeMantshi yasePhuthaditjhaba igwebe udilakajele owesilisa (39) olahlwe yicala lokudlwengula indodakazi yakhe eneminyaka engu-15. Kuvela ukuthi ngo-Ephreli 30 inkantolo yeMantshi yaseBethlehem igwebe owesilisa oneminyaka engu-33 uBennett Mokoena, udilikajele ngokubulala unkosikazi wakhe.
Lo wesifazane kuvela ukuthi washaywa kabuhlungu umyeni wakhe esebenzisa into ecijile nepayipi esigamekweni esenzeka ngonyaka odlule.
Kwamanye amacala kuboshwe abangu-160 ngamacala okubulala, iningi lalaba kuvela ukuthi ngabaseWestern Cape ngabangu-38, kulandele iKwaZulu Natal ngabangu-34.
Abangu-91 baboshelwe amacala okuzama ukubulala. Abangu-1 178 baboshelwa amacala okushaya ngenhloso yokulimaza. Kwaboshwa nabahwebi bezidakamizwa abangu-192.
Kukhona nabanye futhi abangu-2 464 ababoshwe betholakala nezidakamizwa iningi labo okuvela ukuthi ngabaseWestern Cape. Abangu-85 baboshelwe ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, iningi ngabantu abavela KwaZulu Natal nase-Eastern Cape.
Abangu-7 baboshelwe amacala okushushumbiswa kwabantu. Kube nabashayeli abangu-1 220 ababoshelwe ukushayela bedle amponjwana.
Related Topics: