Izindaba

Bambalwa othisha abasabhekwe ohlwini lwabake bahlukumeza izingane

Mhlengi Shangase|Published

UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube oveze ukuthi sisephansi isibalo sothisha abasabhekwe ohlwini lwalabo asebeke bahlukumeza izingane kuleli

Image: Picture: Supplied, Department of Basic Education

IYAQONGA ingcindezi ebhekene noMnyango weMfundo eyisiSekelo kuleli yokuthi uqinisekise ukuthi othisha abasebenza nezingane abaveli ohlwini lwalabo asebeke balahlwa amacala okuhlukumeza izingane.

Ngokwezibalo ezikhishwe nguNgqongqoshe walo mnyango, uNksz Siviwe Gwarube, sisephansi isibalo sothisha abasabhekwe ukuthi abekho kulolu luhlu.

Ephendula umbuzo we-IFP ePhalamende uNksz Gwarube uveze ukuthi u-19%, wothisha abasabhekiwe ukuthi abekho ohlwini.

Uveze ukuthi kothisha abangu-405 738 kuleli, bangu-78 509 kuphela abasabhekiwe ukuthi abaveli ohlwini okusho ukuthi abangu-327 229 akwaziwa bona ukuthi sebeke balahlwa amacala afuze lawa noma abakaze.

KwaZulu-Natal okuyiyona enothisha abaningi ezweni ngabangu-91 508 abaqashiwe, abangu-6 661 kuphela abasabhekiwe ukuthi abekho ohlwini, okusho ukuthi abangu-84 847 akwaziwa ukuthi sebeke balahlwa yini amacala.

"Esikwenzayo manje singumnyango ukuqinisekisa ukuthi umuntu omusha oqashwayo uyabhekwa ohlwini lwabantu asebeke balahlwa amacala, okungamele basebenze nezingane. Simbheka ohlwini olugcinwa nguMnyango wezobuLungiswa kanjalo nalolo olugcinwa nguMnyango wezeNhlalakahle," kusho uNksz Gwarube.

Uthe basebenzisana namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi kuyaphepha ezikoleni.

"Asifuni ukuthi izingane zethu zifundiswe abantu okungamele bazifundise yingakho kubunjwe nethimba eliyisipesheli elihlanganisa amaphoyisa nomnyango, yokusheshisa lapho kunezinkinga ekufakweni kwezicelo zokuthi sibheke amagama othisha ukuthi abekho ohlwini. Sifuna nokuthi zonke izikole zibe nokusebenzisana namaphoyisa."

Uthe ngisho ezikoleni ezizimele kumele babhekwe othisha ukuthi abekho ohlwini.

Ukhale ngokuthi kunokubambezeleka ekubhekweni kwamagama ohlwini lomnyango wezobuLungiswa.

"Ohlwini lwaseMnyangweni wezeNhlalakahle azikho izinkinga ngoba luvele uhlu lwakhona luyatholakala kalula, uma uqhathanisa nohlu lwasemnyangweni wezobuLungiswa ngoba kudingeka kufakwe isicelo, bese kuphuza ukubuya kwezimpendulo. Kodwa ke yonke iminyango yezifundazwe iyalelwe ukuthi isheshise ukubheka bonke othisha okusasilele emuva ukuthi babhekwe ukuthi ngabe abaveli yini ohlwini," kuqhuba uNksz Gwarube.

UNksz Gwarube empendulweni uveze nokuthi isifundazwe iLimpopo esinothisha abangu-51 446, akukho noyedwa osabhekiwe ohlwini.