UNOBHALA weSadtu KwaZulu-Natal uNksz Nomarashiya Caluza, othe banomhlangano noMnyango wezeMfundo ngokungaholelwa kothisha bakwaGrade R phezu kokuthenjiswa ngumnyango
Image: Doctor Ngcobo/Independent Newspapers
BAPHINDE babanjiswa udonga nguMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, othisha abafundisa uGrade R abangaholanga ngoLwesihlanu.
Labo thisha bathenjiswa yinhloko yalo mnyango uMnuz Nathi Ngcobo ukuthi bazohola ngoLwesihlanu emuva kokuba bengaholanga ekupheleni kwenyanga edlule.
NgoLwesihlanu bathe bethi ngqu beyobheka imali bafica itshe lome inhlama.
UNobhala weSadtu KwaZulu-Natal, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe labo thisha abaholanga nangosuku abathenjiswa lona ngumnyango.
Uthe sekuyinsakavukela eyenzeka minyaka yonke ukuthi bangaholelwa ngesikhathi.
"Minyaka yonke bafana nabantu abaqala kabusha baqashwe ngamahhovisi ezifunda omnyango, angavuseleli ngesikhathi izinkontileka zabo. Sihlale siyikhuluma le nto nomnyango kodwa iwela ezindlebeni ezingezwa."
Uthe bahlale behlaba ikhwelo lokuthi njalo uma kuqala unyaka, kufakwe ulwazi lwalabo thisha ukuze kuthi uma kufika u-Ephreli, kube sekuphothulwe yonke into.
"Okubuhlungu kakhulu manje ngukuthi umnyango awusavunyelwe ukuthi ukhokhe noma yinini kwi-Persal, okungenza ukuthi bangakhokhelwa. Sawunxusa umnyango ukuthi ukhulume nehhovisi likaNdunankulu wesifundazwe, mayelana nendaba yokuthi kubekhona okuzokwenzeka ku-Persal ukuze bakwazi ukukhokhelwa," usho kanje.
Uthe bahlele umhlangano namhlanje lapho umqashi ezochaza kabanzi ngezinhlelo zokulungisa le nkinga ebhekene nalabo thisha.
Le nyunyana ihlale ikhala ngezinselelo ezibhekana nalabo thisha minyaka yonke, esikhathini lapho kuphasiswe khona umthetho wezikole iBela, ofaka ukuthi uGrade R ube yimpoqo ezikoleni zakuleli.
Labo thisha bahlale bekhala ngokuthi azinakiwe ngumnyango izimo zokusebenza kwabo okuyinto abahlale bekhala ngayo minyaka yonke.
Okhulumela umnyango, uMnuz Muzi Mahlambi, uthembise ukubuyela entathelini nezimpendulo.
Omunye wothisha ofundisa leli banga, ocele ukungavezwa, uthe ubaphindile umnyango ngokuthi ungabaholeli, okuyinto esijwayelekile uma kuqala unyaka omusha wezimali.
Uthe njalo ngonyaka kudingeka bavuselele izinkontileka zabo uma kuqala u-Ephreli kuze kube uMashi wonyaka olandelayo.
"Njalo uma kuphela u-Ephreli umnyango awusikhokheli. Umnyango awenzi lutho ukulungisa le nkinga minyaka yonke," kusho umthombo.
Uthe kwezinye izifunda kubanjezelwa wukuthi ziyaphuza ukukhipha amafomu okuvuselela izinkontileka.
Ukhale ngokuthi umnyango awubacabangeli abasebenzi.
Uthe abasazi ukuthi kumele benzenjani ngoba le nkinga ihlale yenzeka emnyangweni kanti akekho onendaba nabo.
Related Topics: