Izindaba

Siyaqhubeka isigcawu ngenhloko yamajaji

Fanelesibonge Bengu|Published

Inhloko yamajaji yase-Eastern Cape uJaji Selby Mbenenge

Image: RSA Judiciary

SIYAQHUBEKA kusasa isigcawu seJudicial Conduct Tribunal, esiphenya ngokuziphatha kwenhloko yamajaji e-Eastern Cape uJaji Selby Mbenenge, osolwa ngokuhlukumeza ngokocansi.

UMbenenge usolwa wuNksz Andiswa Mengo ngokuthi wamhlukumeza phakathi kuka-2021 no-2022, ngemiyalezo kuWhatsApp nangezenzo zakhe emsebenzini.

UNksz Mengo wayesebenza njengonobhala wamajaji enkantolo.

UNksz Andiswa Mengo

Image: RSA Judiciary

Usola uMbenenge ngokumthumelela imiyalezo enocansi phakathi futhi kokunye acele nezithombe enqunu. Wathi eminye imiyalezo wayeyiphendula ngoba uMbenenge wayengumphathi wakhe.

Kwesinye isigameko uthi wake wazama ukuthi amncele ubudoda bakhe emahhovisi amajaji.

Ngesikhathi lesi sigcawu, esiholwa yijaji eselathatha umhlalaphansi uJaji Bernard Ngoepe, siguqa ekupheleni kukaJanuwari, kwahlelwa ukuthi sizoqhubeka phakathi kwakusasa noMeyi 16 eCapital Hotel, eSandton.

UNksz Mengo wayesephekwa kabusha ngemibuzo wummeli wakhe u-Adv. Nasreen Rajab-Budlender kulandela ukuhlatshwa ngemibuzo ngokaMbenenge u-Advocate Muzi Sikhakhane SC.

Kulindeleke uMbenenge ethule obakhe ubufakazi.