UNGQONGQOSHE wezokuVikela uNkk Angie Motshekga nesikhulu esiphezulu sezokuvikela uLT General Rudzani Maphwanya, esithangamini nabezindaba izolo ePitoli
Image: Siyabulela Duda/GCIS
ISIKHULU sophiko lwezokuvikela kuleli uLt-Gen Rudzani Maphwanya, sithe ukuhoxiswa kwamasosha akuleli eDRC, akusho ukuthi elakuleli lingenwa ngamanzi emadolweni noma ubugwala kodwa ahoxiswa ngoba kukhona umehluko osukhona kuleliya lizwe.
UMaphwanya obekhuluma esithangamini nabezindaba izolo ePitoli, uthe kunezingxoxo zokwakha uxolo yingakho kuthathwe lesi sinyathelo.
Kulesi sithangami obekukhona kuso noNgqongqoshe wezokuVikela uNkk Angie Motshekga, uthe banika isikhathi izingxoxo ukuze ziqhubeke kuleliya lizwe.
"Isinqumo esisithathile asisithathanga ngoba singenwa ngamanzi emadolweni, kodwa esokuthi kuqhubeke izingxoxo ezikhona kuleliya lizwe. Lokhu kuyizinkomba zokuthi kuba nozinzo nemizamo yokuthi kube noxolo eDRC," usho kanje.
Amasosha angu-14 akuleli asala enkundleni eGoma ngoJanuwari ngesikhathi ibambene namavukela mbuso iM23.
Uthe kunenhlansi yethemba ngoxolo eDRC njengoba ethe baxoxile neM23 ngenyanga edlule mayelana nokuhoxiswa kwamasosha.
"Likhona iqoqo lokuqala elihlanganisa amaloli angu-13, namasosha angu-57 eselifikile esizindeni okuzohlanganyelwa kusona eTanzania. Leli qoqo likwazile ukudlula eRwanda," kusho uMaphwanya.
Uthe uhambo lwaleli qoqo luqale ngo-Ephreli 29, wathi izolo iqoqo lesibili liqale olwalo uhambo.
"Kulindeleke ukuthi lolu hlelo luphothulwe ekupheleni kwenyanga. Amasosha azotheleka kuleli ngendiza, kuthi impahla ifike ngomkhumbi."
Ubalule nokuthi akakwazi ukusho ukuthi amasosha azotheleka nini kuleli ngenxa yokuthi kuba nokubambezeleka endleleni.
UNkk Motshekga uthe amasosha ahoxiswe emuva kwezingxoxo ezithinta uxolo esifundeni.
Uthe baxhumane nezinhlaka ezehlukene ezingxoxweni wathi likhona ithemba ngezithinta uxolo.
Ubonge amasosha abeyibambe kuleliya lizwe ngokuzinikela, emele izwe.
"Elakuleli lizoqhubeka nokweseka imizamo yokuphemba uxolo eDRC, ngokuhambisana nemigomo ye-African Union 2063. Lokhu kufana nesiqalo esisha emizameni yokwakha uxolo," kusho uNkk Motshekga.
Related Topics: