UMONAKALO odalwe imvula yakamuva eThekwini
Image: Sithunyelwe
IKOMITI lokuthuthukiswa komnotho kuMasipala weTheku, seliphasise ukusungulwa kohlaka oluzobhekela ukuguquguquka kwesimo sezulu.
Lokhu kwenzeka nje, iTheku lingenye yezindawo ekhahlamezeka kakhulu uma kunemvula enamandla kucekeleke phansi ingqalasizinda kuphinde kuphume imiphefumulo.
Isitatimende somkhandlu sithe lolu hlaka luzobamba iqhaza elikhulu ekuhlanganiseni izinhlelo zedolobha zokubhekana nobungozi obungadalwa ukuguquguquka kwesimo sezulu nokwenza ukuthi amaqhinga alo ahambisane nomthetho kazwelonke.
"Lolu hlaka luzoqinisekisa ukuthi umasipala uyawulandela umthetho i-International Governance Relations Framework Act, Number 13 ka-2025. Luzosebenza njengesigcawu lapho kuzodingidwa imigomo ethinta ukuguquguquka kwesimo sezulu, kwabelwane ngolwazi kuphinde kuxhunywane nezinye izinhlaka ezithintekayo. "
Isitatimende sithe lolu hlaka luzohlanganisa eminye iminyango kahulumeni, izimboni, izifundiswa nomphakathi.
Khonamanjalo: Emhlanganweni waleli sonto, kamasipala, kwethulwe neminye imibiko yentuthuko ethinta nokweseka kwesivumelwano sokusebenzisana seminyaka emithathu esiphakathi kweDurban Tourism neGold Circle ukuba basingathe ngokuhlanganyela umcimbi wamahhashi iDurban July kusukela ngo-2025/26 kuya ku-2027/28.
Sekulindwe ukuba le mibiko iphasiswe umkhandlu nesigungu.
Related Topics: